Skip to Content

"ikhanda"

96 occurrences in ZUL

Ngizakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.

zingakadluli izinsuku ezintathu , uFaro uzakuphakamisa ikhanda lakho , akubuyisele esikhundleni sakho ; uzakunikela indebe esandleni sikaFaro njengokwenza kwakho kwakuqala, lapho wawungumphathizitsha wakhe.

zingakadluli izinsuku ezintathu , uFaro uzakuphakamisa ikhanda lakho , alisuse kuwe , akuphanyeke emthini ; izinyoni ziyakudla inyama y akho, ziyisuse kuwe.

Kwathi ngosuku lwesithathu , usuku lokuzalwa kukaFaro , wazenzela izinceku zakhe zonke idili , waphakamisa ikhanda lenduna yabaphathizitsha nelenduna yabaphekizinkwa phakathi kwezinceku zakhe.

Ningalidli liseluhlaza, noma liphekwe nokuphekwa ngamanzi , kepha losiwe ngomlilo, ikhanda lalo kanye nemilenze yalo nezibilini zalo.

Ningabe nisashaywa kuphi , nisaqhubeka ukwambuka , na? Lonke ikhanda liyagula, nayo yonke inhliziyo ibuthakathaka.

Uma umuntu efa ngokuzumayo eceleni kwakhe , angcolise ikhanda lobuNaziri bakhe , uyakuphucula ikhanda lakhe ngosuku lokuhlanjululwa kwakhe, aliphucule ngosuku lwesikhombisa.

umpristi uyakunike la ngelinye libe ngumnikelo wesono nangelinye libe ngumnikelo wokushiswa , amenzele ukubuyisana , ngokuba wona ngenxa yofileyo; abesengcwelisa ikhanda lakhe ngalolo suku.

UmNaziri uyakuphucula ikhanda lobuNaziri bakhe ngasemnyango wetende lokuhlangana, athathe izinwele zekhanda lobuNaziri bakhe, azibeke emlilweni ophansi komhlatshelo weminikelo yokuthula.

UJehova wayesevula -ke amehlo kaBileyamu, wayibona ingelosi kaJehova imi endleleni, inenkemba yayo ehoshiweyo esandleni sayo ; wagoba ikhanda, wawa ngobuso bakhe.

myise ekhaya, aphucule ikhanda lakhe, asike izinzipho zakhe,

Amanzi aminzisa ikhanda lami. Ngathi: Nginqunyiwe.

Wafaka isandla sakh e esikhonkwaneni, esokunene sakhe esandweni sezisebenzi; ngesando wamshaya uSisera , wadebeza ikhanda lakhe , yebo, wamgqobhoza, wambhoboza esikhaleni sendlebe.

Abamba izikhulu ezimbili zakwaMidiyani , o-Orebi noZebi , ambulala u - Orebi ngasedwaleni lika-Orebi, noZebi bambulala ngasesikhamweni sewayini sikaZebi, abaxosha abakwaMidiyani ; aletha ikhanda lika -Orebi nelikaZebi kuGideyoni phesheya kweJordani.

Owesifazane othi le waphonsa imbokodwe ekhanda lika -Abimeleki, wachimiza ikhanda lakhe.

Sebevukile kusasa ekuseni , bheka, uDagoni wayewile phansi ngobuso phambi komphongolo kaJehova ; ikhanda likaDagoni nezimpama zombili zezandla zakhe zazinqamukile zisembundwini ; kwasala isidumbu sakhe kuphela.

Emva kwalokho uyakufika entabeni kaNkulunkulu, lapho likhona ikhanda lamaFilisti; kuyakuthi nxa usufikile khona emzini , uhlangane neviyo labaprofethi behla endaweni ephakemeyo benogubhu , nesigubhu, negenkle, nehabhu phambi kwabo, beprofetha;

UJonathani wachitha ikhanda lamaFilisti elaliseGeba , amaFilisti akuzwa . USawule wabetha icilongo ezweni lonke, wathi: Makezwe amaHeberu.

Ikhanda lamaFilisti laphuma, laya ngasentubeni yaseMikimashi.

Bobabili bazibonakalisa kulo ikhanda lamaFilisti ; amaFilisti ayesethi : Bhekani, amaHeberu aphuma emigodini acashe kuyo.

Kwaba khona ukuthuthumel a ekamu , nasendle, naphakathi kwabantu bonke; ikhanda nabaphangi bathuthumela nabo , nomhlaba wazamazama , kwaze kwaba ngukuthuthumela okukhulu.

Namuhla uJehova uyakukunikela esandleni sami ; ngiyakukubulala, ngisuse ikhanda lakho kuwe , nginike namuhla izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba izidumbu zempi yamaF ilisti, ukuze umhlaba wonke wazi ukuthi kukhona uNkulunkulu kwa-Israyeli,

Wayesegijima uDavide, wema phezu komFilisti , wathatha inkemba yakhe , wayihosha emgodleni wayo , wambulala, wamnquma ikhanda ngayo. Lapho amaFilisti ebona ukuthi iqhawe lawo lifile, abaleka.

UDavide wathatha ikhanda lomFilisti, waliyisa eJerusalema; kepha wafaka izikhali zakhe etendeni lakhe.

UDavide esabuya ekubulaleni umFilisti , u-Abineri wam thatha wamyisa phambi kukaSawule, ephethe ikhanda lomFilisti esandleni sakhe.

Amnquma ikhanda , athatha izikhali zakhe , azithuma ezweni lamaFilisti nxazonke ukukumemezela endlini yezithombe zawo nakubantu.

Babengenile-ke endlini esalele embhedeni ekamelweni lakhe , bamgwaza, bambulala, bamnquma ikhanda, bathatha ikhanda lakhe, bahamba ngendlela yase-Araba ubusuku bonke.

Baliyisa ikhanda lika-Ishi Boshethi kuDavide eHebroni, bathi enkosini: Nanti ikhanda lika-Ishi Bosheti indodana kaSawule; isitha sakho ebesifuna ukuphila kwakho; uJehova uphindisele namuhla inkosi yami, inkosi, kuSawule nakuyo inzalo yakhe.

UDavide wayeseyaleza izinsizwa zakhe , zababulala, zabanquma izandla nezinyawo, zabaphanyeka ngaseceleni kwechibi laseHebroni. Kepha bathatha ikhanda lika-Ishi Bosheti, balimbela ethuneni lika-Abineri eHebroni.

Nxa ephucula ikhanda lakhe ngokuba wayelo khu eliphucula njalo ngasekupheleni komnyaka , lokhu izinwele zakhe zamsinda ; ngalokho waziphucula wazilinganisa izinwele zekhanda lakhe , zalingana namashekeli angamakhulu amabili ngesisindo senkosi.

UDavide wenyuka ngommango weNtaba Yeminqumo , enyuka ekhala , egubuzele ikhanda , engenazicathulo; bonke abantu ababenaye bagubuzela , kwabayilowo nalowo ikhanda lakhe, benyuka, benyuka bekhala.

U-Abishayi indodana kaSeruya wayesethi enkosini : Le nja efileyo ingayithukelani inkosi yami, inkosi, na? Mangiye ngiyinqume ikhanda.

U-Abisalomu wasuka wahlangana nezinceku zikaDavide . U-Abisalomu wayekhwele umnyuzi wakhe , umnyuzi wangena phansi kwehlozi le -oki, ikhanda lakhe labambelela e -okini, waphakanyiselwa emkhathini wezulu nomhlaba; umnyuzi obuphansi kwakhe wadlula.

Akunjalo, kepha umuntu wasezintabeni zakwa -Efrayimi, nguSheba indodana kaBikri igama lakhe , uphakamisele isandla sakhe ngasenkos ini, kuDavide; nginikeni yena kuphela , khona ngiyakusuka emzini . Wayesethi owesifazane kuJowabe : Bheka, ikhanda lakhe liyakuphonswa kuwe ngaphandle kogange.

UDavide wayesesenqabeni; ikhanda lamaFilisti laliseBetlehema.

Wathi kuyise: Ngafa ikhanda! Ngafa ikhanda! Wayesethi encekwini yakhe : Myise kunina.

Yathi: UNkulunkulu makenze njalo, enezele futhi, uma ikhanda lika-Elisha, indodana kaShafati, liyakube lisekuye namuhla.

Yayisithuma umuntu phambi kwayo, u-Elisha esahlezi endlini yakhe , namalunga ehlezi naye ; kepha, singakafiki kuye isithunywa , wathi emalungeni: Niyabona yini ukuthi le ndodana yombulali ithumele ukunquma ikhanda lami na ? Bhekani, ekufikeni kwesithunywa manivale isivalo , nisibuyisele emuva isithunywa ngesivalo ; angithi izigqi zezinyawo zenkosi yaso zisemva kwaso na?

UJehu esefikile eJizreyeli , u-Izebeli wakuzwa, wagqaba amehlo akhe , wahlobisa ikhanda lakhe, walunguza efasiteleni.

Nanti izwi uJehova alikhulumile ngaye: Ikudelele yakuhleka usulu intombi, indodakazi yaseSiyoni; ikunikinele ikhanda indodakazi yaseJerusalema.

Kwathi ngomnyaka wamashumi amatha thu nesikhombisa wokuthunjwa kukaJehoyakini inkosi yakwaJuda ngenyanga yeshumi nambili ngolwamashumi amabili nesikhombisa lwenyanga , u-Evili Merodaki inkosi yaseBabele, ngomnyaka wokuqala wokubusa kwakhe , waphakamisa ikhanda likaJehoyakini inkosi yakwaJuda, wamkhipha etilongweni,

Amphanga, athatha ikhanda lakhe nezikhali zakhe , akuthuma ezweni lamaFilisti nxazonke ukukumemezela kuzo izithombe zawo nakubantu.

Azibeka izikhali zakhe endlini yawonkulunkulu bawo , abethela ikhanda lakhe endlini kaDagoni.

UDavide wayesesenqabeni, ikhanda lamaFilisti laliseBetlehema.

Ngalolo suku iNkosi iyakuphucula ngensingo eqashiweyo ngaphesheya koMfula yinkosi yase -Asiriya ikhanda noboya bezinyawo , futhi iyakuqeda nesilevu.

Ikhanda lakhe liyigolide elihle elicwengekileyo; isihluthu sakhe sinententezo, simnyama njengegwababa.

Ikhanda lakho kuwe linjengeKarmeli , nomyeko wekhanda lakho unjengokububende; kuboshiwe inkosi ngesiyendane. Umyeni ukhuluma ngothando lwakhe

UMoridekayi wabuyela esangweni , kepha uHamani waphuthuma ekhaya ekhala, embozile ikhanda.

Wayesesukuma uJobe , waklebhula ingubo yakhe , waphucula ikhanda lakhe, wawela emhlabathini, wakhuleka,

Uma nginecala , maye kimi ! Noma bengilungile , bengingayikuphakamisa ikhanda lami, lokhu ngisuthi ngehlazo, ngibona ukuhlupheka kwami.

Nami ngingakhuluma njengani ; uma imiphefumulo yenu ibisesikhundlen i somphefumulo wa mi, bengiyakuhlanganisa amazwi ngani , ngininikinele ikhanda lami.

Kepha wena Jehova uyisihlangu kimi , uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami.

Ulungisa itafula phambi kwami ebusweni be zitha zami ; ugcoba ikhanda lami ngamafutha; indebe yami iyachichima.

Nakalokhu ikhanda lami lizakuphakam a ngaphezu kwezitha zami ezingihaqileyo; ngizakunikela iminikelo yokwethaba etendeni lakhe , ngihlabelele, ngidumise uJehova ngogubhu.

Usenza isaga kwabezizwe, banikine ikhanda phakathi kwabantu.

Bayakuwiswa, baficwe lulimi lwabo ; bonke abababonayo bayonikina ikhanda.

Impela uNkulunkulu uyakuliphohloza ikhanda lezitha zakhe , ukhakhayi olunesihluthu lwalowo osahamba ezonweni zakhe.

Ngokuba bheka , izitha zakho ziyaxokozela , nabakuzondayo baphakamisa ikhanda.

Iyakuphuza emfuleni ngasendleleni; ngalokho iyakuphakamisa ikhanda.

Jehova Nkosi yami, mandla ensindiso yami , uvikela ikhanda lami ngosuku lokulwa.

Olungileyo makangishaye , kungumusa kimi ; angisole, kungamafutha ekhanda; ikhanda lami malingawenqabi , ngokuba nasebubini babo umkhuleko wami uyobe usekhona.

Kuyakunika ikhanda lakho umgexo womusa , kunikeze kuwe umqhele wodumo.

Bengilele, kepha inhliziyo yami ibiphapheme ; kuyizwi lothandiweyo wami elingqongqotha lithi : Ngivulele, dadewethu, sithandwa sami , juba lami , opheleleyo wami, ngokuba ikhanda lami ligcwele amazolo , nesihluthu sami amaconsi asebusuku.

Ngalokho uJehova uyanquma kwa -Israyeli ikhanda nomsila , igatsha lesundu nomhlanga, ngalusuku lunye.

nanti izwi uJehova alikhulume ngaye ukuthi : Ikudelele, yakuhleka usulu intombi, indodakazi yaseSiyoni ; ikunikinele ikhanda indodakazi yaseJerusalema.

Yikhona lokhu kuzila engikukhethileyo yin i nosuku lokuba umuntu awuhluphe umphefumulo wakhe ; ukuthi umuntu ugoba ikhanda lakhe njengomhlanga, endlale indwangu yamasaka nomlotha pha nsi kwakhe, na? Lokhu kambe ungakubiza ngokuthi ukuzil a nosuku olwamukelekayo kuJehova na?

Sengathi ikhanda lami nga lingamanzi , namehlo ami umthombo wezinyembezi ukuba ngikhalele ababuleweyo bendodakazi yabantu bam i imini nobusuku.

benze izwe labo libe yisimangalis o nento encimfelwayo njalo ; bonke abadlula khona bayakumangala, banikine ikhanda.

U-Israyeli wayengahlekwa nguwe na ? Wafunyanwa phakathi kwamasela , njengokuba, lapho ukhuluma ngaye, unikina ikhanda, na?

Kwathi ngomnyaka wamashumi amathathu nesikhombisa wokuthunjwa kukaJehoyakini, inkosi yakwaJuda , ngenyanga yeshumi nambili , ngolwamashumi amabili nanhlanu lwenyanga , u-Evili Merodaki inkosi yaseBabele ngomnyaka wokuqala wokubusa kwakhe waphakamisa ikhanda likaJehoyakini inkosi yakwaJuda, wamkhipha etilongweni,

Ekuhambeni kwawo aya ezinhlangothini zozine , awaphendukanga ekuhambeni kwawo , kepha lapho ikhanda lalibhekisa khona alilandela; awaphendukanga ekuhambeni kwawo.

Induna yabathenwa yathi kuDaniyeli : Mina ngiyesaba ukuthi inkosi yami , inkosi, emisile ukudla kwenu nokuphuza kwenu , iyakubona ubuso benu ukuba buxhozekile kunabafana abayintanga yenu , nilifake engozini ikhanda lami enkosini.

Lesi sithombe-ke, ikhanda laso liyigolide elihle , isifuba saso nezingalo zaso kuyisiliva, isisu saso namathanga aso kuyithusi,

Ugwaza ikhanda lomholi wabo ngeyakhe imicibisholo , lapho besondela njengesivunguvungu ukungihlakaza , bejabula njengabayakudla ompofu ngasese.

Ngathi: Laba bafike ukwenzani na? Wakhuluma wathi: Leziya ziyizimpondo ezazimhlakaza uJuda ngangokuba kungabangakho muntu ophakamisa ikhanda lakhe , kepha laba bafikile ukubashaya ngovalo , bawise phansi izimpondo zabezizwe ezaziphakamisa uphon do ngezwe lakwaJuda ukuba lihlakazwe.

Kepha wena, nxa uzila, gcoba ikhanda lakho, ugeze ubuso bakho,

UJesu wayesethi kuye : Izimpungushe zinemigodi , nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo , lapho ingacamelisa khona ikhanda.

Yona isifundisiwe ngunina yathi : Ngiphe lapha ngoqwembe ikhanda likaJohane uMbhapathizi.

yathuma yamnquma uJohane ikhanda etilongweni.

Ikhanda lakhe lalethwa ngoqwembe, lanikwa intombazana; yaliyisa kunina.

Kepha uHerode ekuzwile wathi : UJohane engamnquma ikhanda nguye ovukile.

Yayisiphuma, yathi kunina : Ngizakucelani na ? Yena wathi : Ikhanda likaJohane uMbhapathizi.

Yakhawuleza yangena masinyane enkosini , yacela yathi: Ngithanda ukuba ungiphe khona manje ngoqwembe ikhanda likaJohane uMbhapathizi.

Inkosi yayisithuma masinyane ibutho, waliyala ukuba lilethe ikhanda lakhe. Lahamba, lamnquma ikhanda etilongweni.

Laletha ikhanda lakhe ngoqwembe , layinika intombazana , intombazana yamnika unina.

Ikhanda lami awuligcobanga ngamafutha , kepha lo uzigcobile izinyawo zami ngamafutha.

Kepha uHerode wathi: UJohane ngamnquma ikhanda mina; kodwa ngubani lo engizwa ngaye okunje? Wafuna ukumbona.

UJesu wayesethi kuye : Izimpungushe zinemigodi , nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo , lapho ingacamelisa khona ikhanda.

Sebefikile endaweni ethiwa iKhanda bambethela kh ona nazo izelelesi , esinye ngakwesokunene nesinye ngakwesokhohlo.

Kwathi ukuba uJesu ewamukele uviniga , wathi: Kufeziwe; wagebisa ikhanda, wafa.

Kepha uPawulu esehlale khona izinsuku eziningi , wavalelisa kubazalwane, wamuka ngomkhumbi, waya eSiriya kanye noPrisila no -Akwila, esegundile ikhanda lakhe eKenikreya; ngokuba wayezibophe ngesifungo.

wathathe wona, uzihlambulule kanye nawo, uwakhokhele ukuba aphucule ikhanda; khona bazakwazi bonke ukuthi akukho lutho lwalokho abakubikelwe ngawe, kepha ukuthi nawe uhamba ulonda umthetho.

Yileyo naleyo ndoda esuke ikhuleka noma iprofetha , ikhanda layo limboziwe, ihlazisa ikhanda layo.

Kepha yilowo nalowo owesifazane osuke ekhuleka nokuba eprofetha , ikhanda lakhe lingagutshuzelwe, uhlazisa ikhanda lakhe , ngokuba lokho kukunye nokuthi uphucile.

Ngokuba nempela indoda ayifanele ukumboza ikhanda , lokhu ingumfanekiso nodumo lukaNkulunkulu ; kepha owesifazane uludumo lwendoda.

futhi ikhanda lakhe nezinwele zakhe kumhlophe njengoboya bezimvu , njengeqhwa, namehlo akhe enjengamalangabi omlilo,