2 uSamuweli Chapter 23
1
Lawa angamazwi okugcina kaDavide . UDavide indodana kaJese uthi , umuntu owaphakanyiselwa phezulu uthi , ogcotshiweyo kaNkulunkulu kaJakobe nomhlabeleli omnandi wakwa-Israyeli usho ukuthi:
2
UMoya kaJehova wakhuluma ngami; izwi lakhe lalisolimini lwami.
3
UNkulunkulu ka-Israyeli wathi, iDwala lika-Israyeli lakhuluma kimi ukuthi: Obusa abantu ngokulunga, abuse ngokumesaba uNkulunkulu,
4
unjengokukhanya kwasekuseni ekuphumeni kwelanga, isasa elingenamafu, lapho kuvela ekukhanyeni uhlaza emhlabathini emva kwemvula.
5
Ayinjalo indlu yami kuNkulunkul u na? Ngokuba wenzile nami isivumelwano esiphakade ; sihleliwe ezintweni zonke , sigcinekile, ngokuba yonke insindiso yami nokwenama kwami akayikukuhlumisa na?
6
Kepha onke amashinga ayakub a njengameva alahlwayo , ngokuba angephathwe ngesandla.
7
Kodwa umuntu owathintay o wohlonyiswa ngensimbi nangothi lomkhonto , aze ashiswe nokushiswa ngomlilo kuleyo ndawo. Amaqhawe kaDavide
8
Lawa angamagama amaqhawe kaDavide : UJoshebi Bashebeti waseTahekemoni, inhloko yabathathu ; nguyena owaphakamisa umkhonto wakhe, walwa nabantu abangam akhulu ayisishiyagalombili abagwazwa ngasikhathi sinye.
9
Emva kwakhe kwakungu -Eleyazare in dodana kaDodayi indodana yomAhohi, omunye wamaqhawe amathathu ayenoDavide mhla edelela amaFilisti ayebuthene lapho ukulwa, abantu bakwa-Israyeli sebehambile;
10
wasuka wabulala amaFilisti saze sakhathala isandla sakhe , isandla sakhe sanamathela enkembeni ; uJehova wenza insindiso enkulu ngalolo suku ; abantu babuya emva kwakhe ukuba baphange kuphela.
11
Emva kwakhe kwakunguShama indodana ka -Age umHarari. AmaFilisti ayebuthene eLehi , lapho kwakukhona isiqephu sezwe esigcwele imbumba ; abantu babaleka ebusweni bamaFilisti.
12
Kepha wayemi phakathi nesiqephu , wasivikela, wawabulala amaFilisti ; uJehova wenza insindiso enkulu.
13
Kwehla abathathu kwaba yizinhloko ezingamashumi amathathu , bafika kuDavide ngesikhathi sokuvuna emhumeni wase -Adulamu; impi yamaFilisti yayimise esiGodini samaRefa.
14
UDavide wayesesenqabeni; ikhanda lamaFilisti laliseBetlehema.
15
UDavide wanxanela , wathi: Hawu, sengathi ngingaphuziswa amanzi asemthonjeni waseBetlehema ongasesangweni.
16
Lawo maqhawe amathathu afohla ikamu lamaFilisti , akha aman zi emthonjeni waseBetlehama owawungasesangweni , awathatha, awaletha kuDavide; kepha akavumanga ukuwaphuza, kodwa wawathululela uJehova.
17
Wathi: Makube kude nami , Jehova, ukuba ngenze lokhu ; kuyigazi lalabo bantu ababesuka besengozini. Akavumanga ukuwaphuza. Lezo zinto zenziwa yilawa maqhawe amathathu.
18
U-Abishayi umfowabo kaJowabe indodana kaSeruya wayeyinhloko yabathathu. Waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe , wababulala, waba negama phakathi kwalabo abathathu.
19
Wayengengotusekayo phakath i kwamashumi amathathu na ? Ngalokho waba yisikhulu sabo, kepha akafinyelelanga nokho kwabathathu bokuqala.
20
UBenaya indodana kaJehoyada , indodana yendoda enamandla , owayenze imisebenzi emikhulu , owaseKabiseyeli, wabulala amaqhawe amabili akwaMowabi; futhi wehla, wabulala ingonyama phakathi komgodi ngosuku lweqhwa,
21
wabulala nowaseGibithe, umuntu owabukeka emuhle ; owaseGibithe wayephethe umkhonto esandleni sakhe , kepha wehlela kuye ephethe induku nje, wawuhlwitha umkhonto esandleni sowaseGibithe , wambulala ngomkhonto wakhe.
22
Lezo zinto wazenza uBenaya indodana kaJehoyada, waba negama phakathi kwalawo maqhawe amathathu.
23
Wayetuseka kunabangamashumi amathathu , kepha akafinyelelanga kwabathathu bokuqala. UDavide wambeka phezu kwabalindi bakhe.
24
Phakathi kwabangamashumi amathathu kwakukhona u -Asaheli umfowabo kaJowabe, no-Elihanani indodana kaDodo waseBetlehema,
25
noShama waseHarodi, no-Elika waseHarodi,
26
noHelesi wasePaliti, no-Ira indodana ka-Ikheshi waseThekhowa,
27
no-Abiyezeri wase-Anathoti, noMebunayi umHushati,
28
noSalimoni umAhohi, noMaharayi waseNethofa,
29
noHelevi indodana kaBahana waseNethofa , no-Ithayi indodana kaRibayi waseGibeya labantwana bakwaBenjamini,
30
noBenaya wasePirathoni, noHidayi wangasemifudlaneni yakwaGahashi,
31
no-Abi Aliboni wase-Araba, no-Azimaveti waseBarhumi,
32
no-Eliyaba waseShahaliboni, noBene Jasheni, noJonathani,
33
noShama waseHarari, no-Ahiyamu indodana kaSharari wase-Arari,
34
no-Elifeleti indodana ka -Ahashibayi indodana yomMahakha , no-Eliyamu indodana ka-Ahithofeli waseGilo,
35
noHeserayi waseKarmeli, noPhaharayi wase-Arabi,
36
no-Igali indodana kaNathani waseSoba, noBani wakwaGadi,
37
noSeleki wakwa -Amoni, noNaharayi waseBeroti , izindibi zezikhali zikaJowabe indodana kaSeruya,
38
no-Ira waseJetheri, noGarebi waseJetheri,
39
no-Uriya umHeti, bengamashumi amathathu nesikhombisa bebonke.