U-Esteri Chapter 6
1
Ngalobo busuku ubuthongo babaleka enkosini , yayala ukuba kulethwe incwadi yezikhumbuzo zezindaba zemihla ngemihla , zafundwa p hambi kwenkosi.
2
Kwafumaniseka kulotshiwe ukuthi uMoridekayi wayelandile ngoBigithani noThereshi izinduna ezimbili zenkosi , abalindisango, ukuthi babefunile ukubeka isandla enkosini u-Ahashiveroshi.
3
Inkosi yathi : Ludumo luni nobukhulu buni okwenzelwe uMo ridekayi ngalokho na? Zase zithi izinceku zenkosi ezaziyikhonza: Akenzelwanga lutho.
4
Yayisithi inkosi: Ngubani osegcekeni na? UHamani wayesandUkungena nje egcekeni elingaphandle lendlu yenkosi ukuba akhulume enkosini ngokuphanyekwa kukaMoridekayi emthini abemlungisele wona.
5
Zathi-ke izinceku zenkosi kuyo: Bheka, uHamani umi egcekeni. Yathi inkosi: Makangene.
6
Yayisithi inkosi kuye: Umuntu inkosi ethanda ukumdumisa wenzelwani na ? UHamani wathi enhliziyweni yakhe : Ngubani inkosi ebiyakuthanda ukumenzela udumo ngaphandle kwami na?
7
Wayesethi enkosini: Umuntu inkosi ethanda ukumenzela udumo
8
makalethelwe isambatho sobukhosi ekade isembethe inkosi , kanye nehhashi inkosi ekade ikhwela kulo nelifakwe enhloko yalo umqhele wobukhosi;
9
isambatho nehhashi makunikez we esandleni sesinye sezikhulu ezidumileyo ukuba zimembathise lowo muntu inkosi ethanda ukumdumisa , zimkhwelise ehhashini esigcawini somuzi , zimemeze phambi kwakhe ngokuthi : Uyakwenzelwa kanjalo umuntu inkosi ethanda ukumdumisa.
10
Yayisithi inkosi kuHaman i: Shesha, uthathe is ambatho nehhashi njengokusho kwakho, wenze njalo kuMoridekayi, umJuda, ohlezi esangweni lenkosi. Makungaphuthi lutho lwakho konke okukhulumileyo.
11
UHamani wathatha -ke isambatho nehhashi , wamembathisa uMoridekayi , wamkhwelisa esigcawin i somuzi , wamemeza phambi kwakhe ngokuthi : Uyakwenzelwa kanjalo umuntu inkosi ethanda ukumdumisa.
12
UMoridekayi wabuyela esangweni , kepha uHamani waphuthuma ekhaya ekhala, embozile ikhanda.
13
UHamani walandisa uZereshi umkakhe nabo bonke abangane bakhe kon ke okumehleleyo. Zase zithi kuye izihlakaniphi zakhe noZereshi umkakhe : Uma uMoridekayi oqale ukuwa phambi kwakhe engowenzalo yabaJuda , awuyikumahlula, kepha uyakuwa nokuwa phambi kwakhe.
14
Besakhuluma naye, zafika izinduna zenkosi , zashesha ukumyisa uHamani edilini u-Esteri alilungisileyo.