Skip to Content

1 iziKronike Chapter 11

1 Wonke u -Israyeli wabuthana kuDavide , wathi: Bheka, thina siyithambo lakho nenyama yakho. 2 Nangesikhathi esidlulileyo uSawule eseyinkosi , nguwe o wakhipha nowangenisa u -Israyeli; uJehova uNkulunkulu wakho wathi kuwe : Wena uyakwalusa abantu bami u -Israyeli, wena uyakuba ngumbusi wabantu bami u-Israyeli. 3 Kwase kufika onke amalunga akwa -Israyeli enkosini eHebroni ; uDavide wenza isivumelwano nawo eHe broni phambi kukaJehova; amgcoba uDavide ukuba abe yinkosi kwa -Israyeli njen gezwi likaJehova ngesandla sikaSamuweli. 4 UDavide naye wonke u -Israyeli baya eJerusalema eliyiJebusi ; amaJebusi ayakhe kulelo zwe ayeselapho. 5 Abakhileyo eJebusi bathi kuDavide : Awuyikungena lapha . UDavide wathatha nokho inqaba yaseSiyoni engumuzi kaDavide. 6 UDavide wathi: Lowo ochitha amaJebusi kuqala uyakuba yinhloko nenduna. Kwenyuka kuqala uJowabe indodana kaSeruya, waba yinhloko. 7 UDavide wahlala enqabeni; ngalokho bayibiza ngokuthi umuzi kaDavide. 8 Wakha umuzi nxazonke kusukela eMilo kuya nxazonke; uJowabe wavusa okuseleyo komuzi. 9 UDavide waqhubeka njalo ngokukhula , ngokuba uJehova Sebawoti wayenaye. Amaqhawe kaDavide 10 Yilaba abayizinhloko zamaqhawe uDavide ayenazo , zibambelela kuye ngamandla ebukhosini bakhe kanye naye wonke u-Israyeli ukumbeka inkosi njengezwi likaJehova ngo-Israyeli. 11 Nanku umumo wamaqhawe uDavide ayenawo : uJashobehamu indodana yomHakimoni, inhloko yamashumi amathathu ; waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe, wababulala ngasikhathi sinye. 12 Emva kwakhe ngu -Eleyazare indodana kaDodo umAhohi owayengomunye wamaqhawe amathathu. 13 WayenoDavide ePhasi Damimi ; amaFilisti abuthana khona ukuyokulwa , lapho kwakukhona isiqephu sezwe esigcwele ibhali ; abantu babaleka ebusweni bamaFilisti. 14 Bema phakathi nesiqephu sezwe , basophula, bawabulala amaFilisti ; uJehova wabasindisa ngokusindisa okukhulu. 15 Kwehla abathathu kwabayizinhloko ezingamashumi amathathu , baya etsheni kuDavide emhumeni wase -Adulamu; impi yamaFilisti yayimise esiGodini samaRefa. 16 UDavide wayesesenqabeni, ikhanda lamaFilisti laliseBetlehema. 17 UDavide wanxanela , wathi: Hawu, sengathi ngingaphuziswa amanzi asemthonjeni waseBetlehema owawungasesangweni. 18 Labo abathathu bafohla ikamu lamaF ilisti, bakha amanzi emthonjeni waseBetlehema owawungasesangweni , bawathatha, bawaletha kuDavide ; kepha uDavide akavumanga ukuwaphuza , kodwa wawathululela uJehova , wathi: 19 UNkulunkulu wami makangenqabele ukuba ngenze lokhu ; ngiyakuphuza igazi lalaba bant u ababe sengozini na ? Ngokuba bawaletha besengozini ; akavumanga ukuwaphuza. Lezo zinto zenziwa yilawa maqhawe amathathu. 20 U-Abishayi umfowabo kaJowabe wayeyinhloko yabathathu , ngokuba waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe , wababulala, waba negama phakathi kwalaba abathathu. 21 Kulaba abathathu wayetusekile kunababili , waba yisikhulu sabo , kepha akafinyelelanga kwabathathu bokuqala. 22 NoBenaya indodana kaJehoyada, indodana yendoda enamandla, owayenze imisebenzi emikhulu , owaseKabiseyeli, wabulala amaqhawe amabili akwaMowabi; futhi wehla, wabulala ingonyama phakathi komgodi ngosuku lweqhwa. 23 Wabulala nowaseGibithe, umuntu omude, eyizingalo eziyisihlanu; esandleni sowaseGibithe kwakukhona umkhonto onjengogongolo lomaluki ; wehlela kuye ephethe i nduku nje, wawuhlwitha umkhonto esandleni sowaseGibithe , wambulala ngomkhonto wakhe. 24 Lezo zinto wazenza uBenaya indodana kaJehoyada, waba negama phakathi kwalawo maqhawe amathathu. 25 Bheka, wayetusekile kunabangamashumi amathathu, kepha akafinyelelanga kwabathathu bokuqala; uDavide wambeka phezu kwabalindi bakhe. 26 Amaqhawe anamandla nanka : u-Asaheli umfowabo kaJowabe , no- Elihanani indodana kaDodo waseBetlehema, 27 noShamoti waseHarori, noHelesi wasePheloni, 28 no-Ira indodana ka-Ikheshi waseThekhowa, no-Abiyezeri wase-Anathoti, 29 noSibekayi umHushati, no-Ilayi umAhohi, 30 noMaharayi waseNethofa, noHeledi indodana kaBahana waseNethofa, 31 no-Ithayi indodana kaRibayi waseGibeya labantwana bakwaBenjamini, noBenaya wasePirathoni, 32 noHurayi wangasemifudlaneni yakwaGahashi, no-Abiyeli wase-Araba, 33 no-Azimaveti waseBaharumi, no-Eliyaba waseShahaliboni, 34 namadodana kaHashemi waseGizoni , noJonathani indodana kaShage waseHarari, 35 no-Ahiyamu indodana kaSakri waseHarari, no-Elifali indodana ka-Uri, 36 noHeferi waseMekeri, no-Ahiya wasePheloni, 37 noHesiro waseKarmeli, noNaharayi indodana ka-Ezibayi, 38 noJoweli umfowabo kaNathani, noMibihari indodana kaHagiri, 39 noSeleki wakwa-Amoni, noNaharayi waseBeroti , udibi lukaJowabe indodana kaSeruya, 40 no-Ira waseJetheri, noGarebi waseJetheri, 41 no-Uriya umHeti, noZabadi indodana ka-Ahilayi, 42 no-Adina indodana kaShiza wakwaRubeni , inhloko yakwaRubeni , enabangamashumi amathathu, 43 noHanani indodana kaMahakha, noJeshoshafati umMiteni, 44 no-Uziya wase -Ashitaroti, noShama noJehiyeli amadodana kaHothamu wase-Aroweri, 45 noJediyayeli indodana kaShimri, noJoha umfowabo umThisi, 46 no-Eliyeli umMahavi , noJeribayi noJoshaviya amadodana ka -Elinahama, no-Itima wakwaMowabi, 47 no-Eliyeli, no-Obede, noJahashiyeli umMesoba.