Skip to Content

1 iziKronike Chapter 10

1 AmaFilisti alwa no -Israyeli; abantu bakwa -Israyeli babaleka phambi kwamaFilisti, bawa begwaziwe entabeni yaseGilibowa. 2 AmaFilisti axosha uSawule namadodana akhe; amaFilisti abulala oJonathani, no-Abinadaba, noMaliki Shuwa, amadodana kaSawule. 3 Impi yaba nzima kuSawule ; abacibishelayo bamfica; wakhathazeka ngenxa yabacibishelayo. 4 USawule wayesethi odibini lwezikhali zakhe : Hosha inkemba yakho , ungigwaze ngayo , funa labo abangasokile bafike , bangone. Kepha aluvumanga udibi lwezikhali zakh e, ngokuba lwesaba kakhulu . Ngalokho uSawule wayithatha inkemba, wawela phezu kwayo. 5 Udibi lwezikhali zakhe selubonile ukuthi uSawule ufile , lwawela nalo phezu kwenkemba, lwafa. 6 Wafa-ke uSawule namadodana akhe amathathu ; nendlu yakhe yonke yafa kanyekanye. 7 Lapho bonke abantu bakwa -Israyeli ababe sesigodini bebona ukuthi babaleka nokuthi uSawule namadodana akhe bafile , bashiya imizi yabo , babaleka; amaFilisti afika, ahlala kuyo. 8 Kwathi ngangomuso , lapho amaFilisti efika ukuphanga ababuleweyo , afumana uSawule namadodana akhe bewile entabeni yaseGilibowa. 9 Amphanga, athatha ikhanda lakhe nezikhali zakhe , akuthuma ezweni lamaFilisti nxazonke ukukumemezela kuzo izithombe zawo nakubantu. 10 Azibeka izikhali zakhe endlini yawonkulunkulu bawo , abethela ikhanda lakhe endlini kaDagoni. 11 Selizwile iJabeshi Gileyadi konke amaFilisti ayekwenzile kuSawule, 12 kwasuka onke amadoda anamandla , asithatha isidumbu sikaSawule nezidumbu zamadodana akhe , aziletha eJabeshi, awembela amathambo abo phansi kwe-oki eJabeshi, azila ukudla izinsuku eziyisikhombisa. 13 Wafa kanjalo -ke uSawule ngesiphambeko sakhe aphambuka ngaso kuJehova ngenxa yezwi likaJehova angaligcinanga nangokuba kade eyile ukubhula konedlozi ukuba abuze kuye, 14 engabuzanga kuJehova ; ngalokho-ke wambulala , wabuyisela umbuso kuDavide indodana kaJese.