AmaHubo Chapter 141
1
Jehova, ngiyakhala kuwe , ngiphuthume; lalela izwi lami , nxa ngikhuleka kuwe.
2
Umkhuleko wami mawube njengempepho ebusweni bakho , nokuphakanyiswa kwezandla zami njengomnikelo wakusihlwa.
3
Jehova, bekela umlomo wami umlindi, ugcine umnyango wezindebe zami.
4
Ungaphenduleli inhliziyo yami entweni emb i ukuba ngenze imisebenzi yobubi kanye nabantu abenza okubi, ngingadli izibilebile zabo.
5
Olungileyo makangishaye , kungumusa kimi ; angisole, kungamafutha ekhanda; ikhanda lami malingawenqabi , ngokuba nasebubini babo umkhuleko wami uyobe usekhona.
6
Abahluleli babo bayakuphonswa eweni ; bayakuzwa ukuthi amazwi ami amnandi.
7
Njengalokhu umuntu elima , eklaya umhlabathi , amathambo ethu ahlakazekile ngasemlonyeni wendawo yabafileyo.
8
Kepha amehlo ami akuwe Jehova Nkosi yami ; ngiyakwethemba wena ; ungathululi umphefumulo wami.
9
Ngihlenge ogibeni abangibekele lona, nasezihibeni zabenza okubi.
10
Ababi mabawele emanetheni abo, mina ngidlule kuwo.