AmaHubo Chapter 142
1
Ngiyakhala kuJehova ngezwi lami, ngincenga uJehova ngezwi lami.
2
Ngiyathulula ebusweni bakhe isikhalo sami , ngibonakalisa kuye inhlupheko yami.
3
Lapho umoya wami udangala phakathi kwami , wena uyawazi umkhondo wami; endleleni engihamba ngayo bangifihlele ugibe.
4
Bheka ngakwesokunene sami , ubone ukuthi akakho onginakekelayo ; isiphephelo singiphuthele, akakho okhathalela umphefumulo wami.
5
Ngikhala kuwe Jehova , ngithi: Wena uyisiphephelo sam i nesabelo sami ezweni labaphilayo.
6
Lalela ukukhala kwami, ngokuba ngicindezelekile kakhulu; ngikhulule kubo abangizingelayo, ngokuba banamandla kunami.
7
Khipha umphefumulo wami etilongwen i ukuba ngibonge igama lakho; abalungileyo bayakungizungeza, ngokuba uyakungiphatha kahle.