Skip to Content

UHezekeli Chapter 10

1 Ngase ngibona, bheka, emkhathini owawuphezu kwamakhanda amakherubi kwabonakala okunjengetshe lesafire, kufana kungathi nesihlalo sobukhosi. 2 Wakhuluma kuyo indoda eyembethe ilineni , wathi: Ngena phakathi kwamasondo ayingilizayo phansi kwekherubi , ugcwalise izandla zakho zombili ngamalahle omlilo ophakathi kwamakherubi , uwahlakaze phezu komuzi. Yangena phambi kwamehlo ami. 3 Amakherubi ayemi ngakwesokunene kwendlu ekungeneni kwendoda , ifu lagcwalisa igceke elingaphakathi. 4 Inkazimulo kaJehova yenyuka ekherubini, yaya embundwini wendlu; indlu yagcwala ifu, igceke lagcwala ukumenyezela kwenkazimulo kaJehova. 5 Umsindo wamaphiko amakherubi wezwakala kwaze kwaba segcekeni elingaphandle njengezwi likaNkulunkulu uSomandla, lapho ekhuluma. 6 Kwathi lapho eyala indoda eyembethe ilineni , ethi: Thatha umlilo phakathi kwamasondo ayingilizayo phakathi kwamakherubi , yangena, eceleni kwesondo. 7 Ikherubi lelulela isandla salo liphakathi kwamakherubi kuwo umlilo owawuphakathi kwamakherubi , lawuthatha, lawubeka ezandleni zakhe owembethe ilineni; wawuthatha, waphuma. 8 Kwabonakala kuwo amakherubi isimo sesandla somuntu phansi kwamaphiko awo. 9 Ngabona, bheka, nanko amasondo amane eceleni kwamakherubi , elinye isondo eceleni kwelinye ikherubi nelinye isondo eceleni kwelinye ikherubi ; ukubonakala kwamasondo kwakunjengetshe lekrisolithe. 10 Kungathi omane ayenesimo sinye , njengalokho kwakuk hona isondo phakathi kwesondo. 11 Ekuhambeni kwawo aya ezinhlangothini zozine , awaphendukanga ekuhambeni kwawo , kepha lapho ikhanda lalibhekisa khona alilandela; awaphendukanga ekuhambeni kwawo. 12 Wonke umzimba wawo, nemihlane yawo, nezandla zawo, namaphiko awo, namasondo kwakugcwele amehlo nxazonke ; yebo, amasondo lawa omane ayenawo. 13 Amasondo ayebizwa ezindlebeni zami ngokuthi ayingilizayo. 14 Yilelo nalelo lalinobuso obune ; ubuso bokuqala babungubuso bekherubi , ubuso besibili babungubuso bomuntu , obesithathu babungubuso bengonyama, nobesine babungubuso bokhozi. 15 Amakherubi aziphakamisa ; yilezi zidalwa engazibona ngasemfuleni iKhebari. 16 Ekuhambeni kwamakherubi amasondo ahamba eceleni kwawo , nalapho amakherubi ephakamisa amaphiko awo ukwenyuka emhlabath ini, amasondo awaphendukanga eceleni kwawo. 17 Ekumeni kwawo nalawa ema; ekwenyukeni kwawo enyuka nawo, ngokuba umoya wezidalwa wayekuwo. 18 Inkazimulo kaJehova yaphuma phezu kombundu wendlu , yema phezu kwamakherubi. 19 Amakherubi aphakamisa amaphiko awo , enyuka emhlabathini phambi kwamehlo ami ekuphumeni kwawo , amasondo eseceleni kwawo ; ema ngasesivalweni sesango lasempumalanga lendlu kaJehova ; inkazimulo kaNkulunkulu ka-Israyeli yayiphezu kwawo. 20 Yilezi zidalwa engazibona phansi kukaNkulunkulu ngasemfuleni iKhebari, ngazi ukuthi zazingamakherubi. 21 Yilelo nalelo lalinobuso obune , yilelo lalinamaphiko amane , nesimo sezandla zomuntu sasiphansi kwamaphiko awo. 22 Isimo sobuso bawo, bona babungubuso engabubona ngasemfuleni iKhebari, ukubonakala kwabo , yebo, bona uqobo lwabo ; yilelo nalelo lahamba ngokuqonda kobuso balo.