UHezekeli Chapter 9
1
Wayesememeza ezindlebeni zami ngezwi elikhulu , ethi: Mazisondele izijeziso zomuzi , kube yilowo nalowo abe nezikhali zokubulala esandleni sakhe.
2
Bheka, kwafika amadoda ayisithupha evela endleleni yasesangweni lasenhla, elingasenyakatho, yileyo naleyo inesikhali sokubulala esandleni sayo, enye phakathi kwawo yembethe ilineni , inophondo lukayinki womlobi ngasokhalweni lwayo. Angena, ema ngaseceleni le-altare lethusi.
3
Inkazimulo kaNkulunkulu ka -Israyeli yayenyukile ekherubini eyayiphezu kwalo, yaya embundwini wendlu , wayibiza indoda eyembethe ilineni , eyayinophondo lukayinki womlobi ngasokhalweni lwayo.
4
UJehova wathi kuyo: Dabula emzini , phakathi kweJerusalema , ubeke uphawu emabunzini abantu ababubula bekhala ngazo zonke izinengiso ezenziwa phakathi kwalo.
5
Kwamanye washo ezindlebeni zami , wathi: Dabulani emzini emva kwayo , nibulale, iso lenu lingahawukeli, ningabi nabubele,
6
nibulale nichithe amaxhegu, nezinsizwa, nezintombi, nezingane, nabesifazane, ningasondeli kodwa kumuntu okukuye uphawu , niqale endlini yami engcwele. Ayeseqala ngamadoda amadala ayephambi kwendlu.
7
Wathi kuwo : Ngcolisani indlu , nigcwalise amagceke ngababuleweyo . Phumani! Aphuma, abulala emzini.
8
Kwathi esabulala , kwasala mina ; ngawa ngobuso , ngakhala ngathi : Maye, Nkosi Jehova ! Uyakubulala yonke insali yakwa -Israyeli ekutheleni kwakho ukufutheka kwakho phezu kweJerusalema na?
9
Wathi kimi : Ububi bendlu yakwa -Israyeli neyakw aJuda bukhulu kakhulu impela, nezwe ligcwele igazi , nomuzi ugcwele ukuhlanekezela , ngokuba bathi: UJehova ulishiyile izwe, uJehova akakuboni.
10
Nami-ke, iso lami aliyikubahawukela , ngingabi nabubele , kepha ngiyakwehlisela indlela yabo phezu kwekhanda labo.
11
Bheka, indoda eyembethe ilineni , inophondo lukayinki ngasokhalweni lwayo, yabuyisa izwi, yathi: Ngenzile njengokungiyala kwakho.