Skip to Content

UHezekeli Chapter 8

1 Kwathi ngomnyaka wesithupha ngenyanga yesithupha ngolwesihlanu lwenyanga lapho ngihlezi endlini yami , amalunga akwaJu da ehlezi ngaphambi kwami, isandla seNkosi uJehova sawela lapho phezu kwami. 2 Ngase ngibona , bheka, kwakunjengokubonakala komlilo ; kusukela kokungathi ukhalo kuya phansi kwakungumlilo , kusukela okhalweni kuya phezulu kwakunjengokukhazimula nanjengethusi elimenyezelayo. 3 Wayeselula kungathi isandla , wangibamba ngesihluthu sekhanda lami ; uMoya wangiphakamisa phakathi komhlaba nezulu , wangiyisa ngemibono kaNkulunkulu eJerusalema esivalweni sesango legceke elingaphakathi elibheke ngasenyakatho , lapho kwakukho na isihlalo sesithombe somhawu , esibanga umhawu. 4 Bheka, inkazimulo kaNkulunkulu ka -Israyeli yayilapho njengokuyibona kwami esigodini. 5 Wathi kimi : Ndodana yomuntu , ake uphakamise amehlo akho ngendlela yasenyakatho. Ngase ngiwaphakamisa amehlo ami ngendl ela yasenyakatho; bheka, ngasenyakatho kwesango lase -altare lesi sithombe somhawu sasisentubeni. 6 Wathi kimi : Ndodana yomuntu , uyabona yini abakwenzayo , izinengiso ezinkulu indlu yakwa -Israyeli ezenzayo lapha ukuba ngidede kude nendlu yami engcwele na? Kepha uyakubuye ubone ezinye izinengiso ezinkulu. 7 Wayesengiyisa esangweni legceke. Ngabona, bheka, nanso imbobo ogangeni. 8 Wathi kimi : Ndodana yomuntu , gebhula ogangeni . Nanxa sengigebhulile ogangeni, bheka, nanko umnyango. 9 Wayesethi kimi: Ngena ubone izinengiso ezimbi abazenzayo lapha. 10 Ngangena, ngabona; bheka, zonke izimo zezilwanyana ezinwabuzelayo , nezilwane ezinengekayo , nazo zonke izithombe zendlu ka -Israyeli kudwetshiwe odongeni nxazonke. 11 Kwakumi phambi kwabo abantu abangamashumi ayisikhombisa bamalunga endlu yakwa -Israyeli, naphakathi kwabo uJahazaniya indodana kaShafani, kwaba yilowo nalowo enomcengezi wakhe womlilo esandleni sakhe, nephunga lefu lempepho lenyuka. 12 Wayesethi kimi : Ndodana yomuntu , uyabona yini akwenzayo amalunga endlu yakwa -Israyeli ebumnyameni , kube yilelo nalelo ekamelweni lalo lezithombe, na? Ngokuba athi: UJehova akasiboni, uJehova ulishiyile izwe. 13 Futhi wathi kimi: Uyakubuye ubone ezinye izinengiso ezinkulu abazenzayo. 14 Wayesengiyisa esivalweni sesango lendlu kaJehova elingasenyakatho; bheka, nampo abesifazane behlezi belilela uTamuzi. 15 Wathi kimi : Uyakubona lokho wena ndodana yomuntu na ? Uyakubuye ubone izinengiso ezinkulu kunalezi. 16 Wayesengingenisa egcekeni elingaphakathi lendlu kaJehova ; bheka, ngasemnyango weth empeli likaJehova phakathi kompheme ne -altare kwakukhona kungathi amadoda angamashumi amabili nanhlanu efulathele ithempeli likaJehova, ubuso bawo bubhekene nempumalanga, ekhonza ilanga ngasempumalanga. 17 Wathi kimi: Uyakubona lokhu wena ndodana yomuntu na ? Kuyinto elula kuyo indlu yakwaJuda ukwenza izinengiso abazenzayo lapho na ? Ngokuba sebeligcwalisile izwe ngobudlova , babuye bangicunula . Bhekani, babeka amagatsha emakhaleni abo. 18 Ngalokho ngiyakusebenza ngokufutheka ; iso lami aliyikubahawukela , ngingabi nabubele; noma bememeza ezindlebeni zami ngezwi elikhulu , angiyikubezwa.