Skip to Content

UHezekeli Chapter 11

1 UMoya wangiphakamisa , wangiyisa esangweni lendlu kaJehova lasempumalanga, elibhekene nempumalanga; bheka, ngasesivalweni sesango kwakukhona amadoda angamashumi amabi li nanhlanu ; ngabona phakathi kwawo uJahazaniya indodana ka -Azuri noPhelathiya indodana kaBenaya , izikhulu zabantu. 2 Wathi kimi: Ndodana yomuntu, yilawa madoda aceba okubi, anika iziluleko ezimbi kulo muzi, 3 athi: Akuseduze yini ukuba kwakhiwe izindlu ? Lo muzi uyikhanzi , thina siyinyama. 4 Ngalokho profetha ngabo, uprofethe, ndodana yomuntu. 5 UMoya kaJehova wehlela phezu kwami , wathi kimi: Yisho uthi: Usho kanje uJehova, uthi: Nisho njalo nina ndlu ka -Israyeli; ngiyazi mina okungena emoyeni wenu. 6 Nandisile ababuleweyo benu kulo muzi , nigcwalisile izitaladi zawo ngababuleweyo. 7 Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ababuleweyo benu enibabekile phakathi kwawo bayinyama , nawo uqobo uyikhanzi , kepha nina ngiyakunikhipha phakathi kwawo. 8 Niyesabile inkemba; ngiyakunehlisela inkemba, isho iNkosi uJehova. 9 Ngiyakunikhipha phakathi kwawo , ngininikele esandleni sabafokazi , ngahlulele phakathi kwenu. 10 Niyakuwa ngenkemba , nginahlulele emkhawulweni wakwa -Israyeli; nazi ukuthi nginguJehova. 11 Lo muzi awuyikuba yik hanzi, nani aniyikuba yinyama phakathi kwalo ; ngiyakunahlulela emkhawulweni wakwa-Israyeli, 12 nazi ukuthi nginguJehova , ngokuba anihambanga ngezimiso zami , nezahlulelo zami anizenzanga , kepha nenze njengezahlulelo zezizwe ezinihaqayo. Isiprofetho sokubuyiswa 13 Kwathi lapho ngiprofetha , uPhelathiya indodana kaBenaya wafa . Ngase ngiwa ngobuso , ngakhala ngezwi elikhulu , ngathi: O Nkosi Jehova , uyakwenza ukuba iphele insali yakwa-Israyeli na? 14 Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 15 Ndodana yomuntu, abafowenu, yebo, abafowenu abayizihlobo zakho nayo yonke indlu yakwa -Israyeli, bonke abakhileyo eJerusalema abashilo kubo ukuthi: Dedani kuJehova; leli zwe linikiwe thina libe yifa. 16 Thana ngabo: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Noma ngibadedisele kude phakathi kwezizwe, ngabahlakazela emazweni, ngaba yindlu engcwele nokho kubo isikhashana emazweni ababehlakazelwe kuwo. 17 Ngalokho thana: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakunibutha ezizweni, nginiqoqe emazweni enihlakazekelwe kuwo, ngininike izwe lakwa-Israyeli. 18 Bayakufika khona, basuse lapho konke okuzondekayo kwalo nazo zonke izinengiso zalo. 19 Ngiyakubanika inhliziyo ibe nye, ngibeke umoya omusha phakathi kwabo , ngikhiphe inhliziyo yetshe enyameni yabo, ngibanike inhliziyo yenyama 20 ukuba bahambe ngezimi so zami , bagcine izahlulelo zami , bazenze, babe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wabo. 21 Kepha labo abanhliziyo zabo zilandela izinhliziyo zokuzondekayo kwabo nezinengiso zabo , ngiyakwehlisela phezu kwamakhanda abo indlela yabo , isho iNkosi uJehova. 22 Amakherubi ayesephakamisa amaphiko awo namasondo ayeseceleni kwawo; inkazimulo kaNkulunkulu ka-Israyeli yayiphezu kwawo. 23 Inkazimulo kaJehova yakhuphuka phakathi komuzi , yema entabeni engasempumalanga komuzi. 24 UMoya wayesengiphakamisa, wangiyisa ngombono ngoMoya kaNkulunkulu eKalideya kubathunjwa. Wase wenyuka kimi umbono engiwubonileyo. 25 Ngase ngikhuluma kubathunjwa zonke izinto uJehova angibonisile zona.