UHezekeli Chapter 12
1
Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
2
Ndodana yomuntu , wena uhlala pha kathi kwendlu ehlubukayo nabanamehlo okubona bengaboni kodwa , abanezindlebe zokuzwa bengezwa nokho, ngokuba bayindlu ehlubukayo.
3
Wena ndodana yomuntu , zenzele impahla yokuhamba , usuke emini emehlweni abo , umuke endaweni yakho emehlweni abo , uye kwenye ; mhlawumbe bayakubona ukuthi bayindlu ehlubukayo.
4
Uyakukhipha impahla yakho emini emehlweni abo njengempahla yokuhamba, wena uphume kusihlwa emehlweni abo njengok uphuma ukuya ekuthunjweni.
5
Gebhula ogangeni emehlweni abo, uyikhiphe impahla khona.
6
Uyakuyithwala ehlombe emehlweni abo, uyikhiphe sekumnyama, usibekele ubuso bakho , ukuze ungaboni izwe , ngokuba ngikubeke ukuba ube yisibonakaliso kuyo indlu yakwa-Israyeli.
7
Ngenza njengokungiyala kwakhe ; ngayikhipha impahla yami emini njengempahla yokuhamba, kusihlwa ngagebhula ogangeni ngesandla , nanxa sekumnyama ngayikhipha, ngayithwala ehlombe emehlweni abo.
8
Lase lifika izwi likaJehova ekuseni, lathi:
9
Ndodana yomuntu , ayishongo kuwe yini indlu yakwa -Israyeli, indlu ehlubukayo, yathi: Wenzani na?
10
Thana kubo: Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Lesi siprofetho ngesesikhulu saseJerusalema nesabo bonke abendlu yakwa-Israyeli abaphakathi kwalo.
11
Thana: Ngiyisibonakaliso senu ; njengalokho ngenzile , kuyakwenziwa kanjalo kubo; bayakuya ekuthunjweni, baboshwe.
12
Isikhulu esiphakathi kwabo siyakuthwala ehlombe sekumnyama , siphume, bagebhule ogangeni ukuba bakhiphe khona , sisibekele usubo baso , ngokuba asiyikubona izwe ngamehlo aso.
13
Ngiyakuleneka inetha lami phezu kwaso , sibanjwe ogibeni lwami ; ngiyakusiyisa eBabele ezweni lamaKaledi. Kepha asiyikulibona, noma sifela khona.
14
Bonke abasizungezayo ukusisiza namaviyo aso ngiyakubahlakazela kuyo yonke imimoya, ngihoshe inkemba emva kwabo.
15
Bayakwazi ukuthi nginguJehova , lapho ngibahlakazela ezizweni , ngibasabalalisele emazweni.
16
Kepha ngiyakushiya kubo abantu abayingcosana besala enkembeni , nasendlaleni, nasesifweni, ukuba balande ngazo zonke izinengiso zabo phakathi kwezizwe lapho befika khona, bazi ukuthi nginguJehova.
17
Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
18
Ndodana yomuntu, yidla isinkwa sakho ngokuqhaqhazela , uphuze amanzi akho ngokuthuthumela nangokwesaba,
19
uthi kubantu bezwe: Isho kanje iNkosi uJehova ngabakhileyo eJerusalema ezweni lakwa -Israyeli, ithi: Bayakudla isinkwa sabo ngokwesaba , baphuze amanzi abo n gokumangala, ngokuba izwe lalo liyakuchithwa , laphucwe konke ukugcwala kwalo ngenxa yobudlova babo bonke abahlala kulo.
20
Imizi ehlalwayo iyakuchithwa , izwe libe yincithakalo , nazi ukuthi nginguJehova.
21
Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
22
Ndodana yomuntu, siyini leso saga eninaso ezweni lakwa -Israyeli sokuthi: Izinsuku ziyajobeleleka, nayo yonke imibono iphuthile, na?
23
Ngalokho thana kubo: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakwenza ukuba siphele leso saga , bangabe besafanisa ngaso kwa -Israyeli, kepha khuluma kubo ngokuthi: Izinsuku sezisondele nokugcwaliseka kwemibono yonke.
24
Ngokuba akusayikuba khona umbono oyize nokubhula okuthophayo endlini yakwa-Israyeli.
25
Ngokuba mina Jehova ngiyakukhuluma izwi engiyakulikhuluma , lenzeke, lingabe lisalitshazi swa, ngokuba ezinsukwini zenu nina ndlu ehlubukayo ngiyakukhuluma izwi, ngilenze, isho iNkosi uJehova.
26
Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
27
Ndodana yomuntu, bheka, abendlu ka-Israyeli bathi: Umbono awubonayo ungowezinsuku ezizayo, uprofetha ngezikhathi ezisekude.
28
Ngalokho thana kubo : Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Akusayikulitshaziswa zwi, kepha izwi engiyakulikhuluma liyakwenzeka, isho iNkosi uJehova.