UJobe Chapter 10
1
Umphefumulo wami ukhathele ukuhamba kwami; ngiyazinikela ekukhaleni, ngikhulume ngomunyu womphefumulo wami.
2
Ngiyakusho kuNkulunkulu ukuthi : U ngangilahli; ngazise ukuthi uphikisanelani nami na?
3
Kuhle yini kuwe ukuba ucindezele , ulahle umsebenzi wezandla zakho , ukhanye phezu kwamasu ababi, na?
4
Amehlo enyama unawo na? Uyabona njengabantu na?
5
Imihla yakho injengemihla yomuntu na ? Neminyaka yakho injengezinsuku zabantu na?
6
lokhu ufuna ukona kimi, ufunisisa isono sami,
7
noma ukwazi ukuthi angimubi nokuthi akakho ongophula esandleni sakho.
8
Izandla zakho zingibumbile , zangenza ngokupheleleyo nxazonke ; nokho uyangichitha.
9
Ake ukhumbule ukuthi ungenzile njengebumba ; pho, uyakungibuyisela othulini na?
10
Awungithululanga njengobisi, wangijiyisa njengoshizi, na?
11
Awungembathisanga isikhumba nenyama , wangiphica ngamathambo nangemisipha, na?
12
Ungenzele ukuphila nomusa ; ukungihambela kwakho kulondile umoya wami.
13
Kepha ufihlile enhliziyweni yakho lokhu ; ngiyazi ukuthi lokhu kukuwe kokuthi:
14
Uma ngona, uyangiqaphela; awuyikuthethelela ukona kwami.
15
Uma nginecala , maye kimi ! Noma bengilungile , bengingayikuphakamisa ikhanda lami, lokhu ngisuthi ngehlazo, ngibona ukuhlupheka kwami.
16
Nokuba bengiziphakamisa , ubuyakungizingela njengengonyama , ubuye uzenze omangalisayo kimi.
17
Ubuyakuletha kimi ofakaz i abasha, wandise intukuthelo yakh o kimi, amabandla ngamabandla angisukele.
18
Ungikhipheleni esizalweni na? Ngangiyakugqibuka lingakangiboni iso,
19
ngibe njengokungathi ngingekho, ngiyiswe ethuneni ngisaphuma esiswini.
20
Imihla yami ayiyingcosana na ? Makapheze, angiyeke ukuba ngithokoze kancane,
21
ngingakayi lapho ngingasayikubuya khona, izwe lobumnyama nelomthunzi wokufa,
22
izwe lobumnyama obunjengesigayegay e nelomthunzi wokufa nelesiphithiphithi, lapho ukukhanya kunjengobumnyama.