Skip to Content

AmaHubo Chapter 3

1 Hhawu, Jehova, ziningi izitha zami. Baningi abangivukelayo. 2 Baningi abathi emphefumulweni wami : Akukho ukusinda kwakhe kuNkulunkulu. Sela 3 Kepha wena Jehova uyisihlangu kimi , uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami. 4 Ngezwi lami ngiyakhala kuJehova ; yena uyangiphendula esentabeni yakhe engcwele. Sela 5 Ngalala phansi, ngazunywa ngubuthongo ; ngavuka, ngokuba uJehova ungiphasile. 6 Angesabi amashumi ezinkulungwane zabantu abangihaqile nxazonke. 7 Vuka, Jehova, ungisindise, Nkulunkulu wami, ngokuba zonke izitha zami uzishayile emhlathini, amazinyo ababi uwaphulile. 8 Insindiso ingekaJehova; isibusiso sakho masibe kubantu bakho. Sela