AmaHubo Chapter 4
1
Ngiphendule ekukhaleni kwami , Nkulunkulu wokulunga kwami . Ekucindezelweni wangenzela indawo ; yiba nomusa kimi , uzwe umkhuleko wami.
2
Madodana abantu , koze kube nini ubukhosi bami budunyazwa na ? Koze kube nini nithanda okuyize, nifuna amanga, na? Sela
3
Yazini ukuthi uJehova uzahlukanisele omesabayo ; uJehova uyezwa lapha ngikhala kuye.
4
Thukuthelani ningoni ; zindlani enhliziyweni yenu okhukhweni lwenu , nithule. Sela
5
Nikelani iminikelo yokulunga, nethembe uJehova.
6
Baningi abathi : Ngubani oyakusibonisa okuhle na ? Jehova, phakamisa ukukhanya kobuso bakho phezu kwethu.
7
Ubeke injabulo enhliziyweni yam i edlula eyamabele abo newayini labo sekuvamile.
8
Ngizakucambalala ngokuthula , ngilale ubuthongo , ngokuba wena Jehova wedwa ungihlalisa ngokulondeka.