AmaHubo Chapter 5
1
Yizwa amazwi ami, Jehova, uqaphele ukuzindla kwami.
2
Yizwa izwi lokukhala kwami , Nkosi yami , Nkulunkulu wami , ngokuba ngithandaza kuwe.
3
Jehova, ekuseni uyalizwa izwi lami; ekuseni ngiyakuzibika kuwe, ngilinde.
4
Ngokuba wena awus iye uNkulunkulu othanda okubi ; omubi akanakuhlala kuwe.
5
Abazidlayo abayikuma phambi kwamehlo akho ; uyabazonda bonke abenza okubi.
6
Uyabhubhisa abakhuluma amanga ; uJehova uyamenyanya umuntu wegazi nowenkohliso.
7
Kepha mina ngiyakungena endlini yakh o ngobuningi bomusa wakho , ngikhothame ngokukuhlonipha, ngibhekene nendawo yakho engcwele.
8
Jehova, ngihole ngokulunga kwakho ngenxa yezitha zami, ulungise indlela yakho phambi kobuso bami.
9
Ngokuba alikho iqiniso emlonyeni wabo ; izibilini zabo zingukonakala : umphimbo wabo uyithuna elivulekileyo; bayathopha ngolimi lwabo.
10
Balahle ngecala , Nkulunkulu. Mabawe ngenxa yamacebo abo , ubawise ngobuningi beziphambeko zabo, ngokuba bahlubukile kuwe.
11
Kepha mabajabule bonke abathemba kuwe, bahalalise kuze kube phakade, abathanda igama lakho bethabela kuwe.
12
Ngokuba wena Jehova uyambusisa olungileyo ; umphahla ngomusa njengesihlangu.