Skip to Content

AmaHubo Chapter 6

1 Jehova, ungangijezisi ngentukuthelo yakho, ungangishayi ngolaka lwakho. 2 Yiba nomusa kimi , Jehova, ngokuba ngidangele ; ngiphilise, Jehova, ngokuba amathambo ami ayathuthumela, 3 nomphefumulo wami uyathuthumela , kepha wena Jehova , koze kube nini na? 4 Buya, Jehova, ukhulule umphefumulo wami , ungisindise ngenxa yesihawu sakho. 5 Ngokuba akukho ukukhumbula wena ekufeni ; ngubani oyakukubonga endaweni yabafileyo na? 6 Ngikhathele ukububula kwami ; ngimanzisa icansi lami njalo ebusuku , ngimanzisa ukhukho lwami ngezinyembezi zami. 7 Iso lami liyafiphala ngokudabuka; liyaguga ngenxa yezitha zami zonke. 8 Dedani kimi nina nonke enenza okubi , ngokuba uJehova ulizwile izwi lokukhala kwami; 9 uJehova uzwile ukunxusa kwami, uJehova uyamukela umkhuleko wami. 10 Zonke izitha zami ziyakuj abha, zishaywe luvalo ; ziyakuhlehla, zijabhe ngokuphazima kweso.