Skip to Content

AmaHubo Chapter 2

1 Kungani ukuba abezizwe baxokozele, nabantu bazindle ngokuyize na? 2 Amakhosi omhlaba ayazihlanganisa , nababusi baceba iceb o ngoJehova nangogcotshiweyo wakhe ngokuthi: 3 Masigqabule izibopho zabo, silahle izintambo zabo, zisuke kithina. 4 Yena ohlezi ezulwini uyahleka, iNkosi iyabadelela. 5 Ibisikhuluma kubo ngentukuthelo yayo, ibethuse ngolaka lwayo, ithi: 6 Nokho ngibekile iNkosi yami eSiyoni, intaba yami engcwele. 7 Ngizakulanda ngesinqumo : uJehova wathi kimi : Uyindodana yami wena ; namuhla ngikuzele. 8 Cela kimi, ngikunike abezizwe babe yifa lakho, nemikhawulo yomhlaba ibe yimfuyo yakho. 9 Uzakubaphula ngentonga yensimbi, ubaphahlaze njengesitsha sombumbi. 10 Ngakho hlakaniphani nina makhosi; yalekani nina bahluleli bomhlaba. 11 Mkhonzeni uJehova ngokwesaba, nethabe ngokuthuthumela. 12 Yangeni indodana, ingaze ithukuthele, nibhubhe endleleni, ngokuba ulaka lwayo luyakuvutha masinyane. Babusisiwe bonke abaphephela kuyo.