NgokukaJohane Chapter 19
1
UPilatu wayesemthatha uJesu, wamshaya.
2
Amabutho aluka umqhele wameva awufaka ekhanda lakhe , amembathisa ingubo ebubende;
3
aya kuye, athi: Bayede, nkosi yabaJuda! Ammukula.
4
UPilatu wabuye waphuma, wathi kubo: Bhekani, ngimkhiphela kini, ukuze nazi ukuba angifumani cala kuye.
5
Wayesephuma uJesu ethwele umqhele wameva nengubo ebubende . Wathi kubo uPilatu: Bhekani lo muntu!
6
Bathi bembona abapristi abakhulu nezikhonzi , bamemeza bathi: Mbethele, mbethele esiphambanweni! UPilatu wathi kubo : Mthatheni nina, nimbethele esiphambanweni, ngokuba angifumani cala kuye.
7
Kepha abaJuda bamphendula bathi : Sinomthetho thina ; ngalo mthetho ufanele ukufa, ngokuba ezenzile iNdodana kaNkulunkulu.
8
Kuthe uPilatu ezwa lelo zwi, kwayikhona esaba kakhulu,
9
wabuye wangena enqabeni, wathi kuJesu : Ungowaphi wena na ? Kepha uJesu kamphendulanga.
10
Khona wathi uPilatu kuye : Awukhulumi kimi na ? Awazi ukuthi nginamandla okukukhulula , nginamandla futhi okukubethela esiphambanweni na?
11
UJesu waphendula wathi : Ngabe awunamandla neze phezu kwami , ukuba awuwanikwanga ngaphezulu . Ngalokho-ke onginikele kuwe unesono esikhulu.
12
Ngalokho uPilatu wayefuna ukumkhulula . Kepha abaJuda bamemeza bathi: Uma ukhulula lona , awusiye umhlobo kaKesari ; osuka ezenza inkosi , umelene noKesari.
13
Kuthe uPilatu esezwa lawo mazwi wamkhiphela ngaphandle uJesu; wahlala esihlalweni sokwahlulela endaweni ethiwa eGandaywe ngamatshe kodwa ngesiHeberu iGabatha.
14
Kwakungolokulungisela iPhasika kungathi ihora lesithupha . Wathi kubaJuda: Bhekani inkosi yenu.
15
Ngakho bamemeza bathi : Susa, susa, mbethele esiphambanweni ! Wathi kubo uPilatu : Ngibethele inkosi yenu na ? Abapristi abakhulu baphendula bathi: Asinankosi, uKesari kuphela.
16
Wayesemnikela kubo ukuba abethelwe esiphambanweni. Ukubethelwa nokufa nokumbelwa kukaJesu (Math. 27: 33; Mark. 15: 22; Luk. 23: 26) Bamthatha-ke uJesu, bahamba naye.
17
Waphuma ezithwalele isiphambano , waya endaweni ethiwa iNdawo Yekhanda, ethiwa ngesiHeberu iGolgotha.
18
Bambethela khona nabanye ababili kanye naye ngalapha nangalapha, uJesu ephakathi.
19
Kepha uPilatu waloba isaziso , wasibeka esiphambanweni . Kwakulotshiwe ukuthi: UJESU WASENAZARETHA, INKOSI YABAJUDA.
20
Khona abaningi babaJuda bafunda leso saziso; ngokuba indawo leyo, lapho uJesu wabethelwa khona esiphambanweni , yayiseduze nomuzi. Kwakulotshiwe ngesiHeberu, nangesiRoma, nangesiGreki.
21
Base bethi abapristi abakhulu babaJuda kuPilatu : Ungalobi ukuthi: Inkosi yabaJuda, kepha ukuba yena wathi: NgiyiNkosi yabaJuda.
22
UPilatu waphendula wathi: Engikulobile ngikulobile.
23
Kuthe amabutho esembethele uJesu esiphambanweni , athatha izingubo zakhe, azenza izabelo ezine , kwaba yilelo nalelo butho laba nesabelo , neyembe futhi . Kepha iyembe lalingenamthungo, lalukiwe lonke kusukela phezulu.
24
Ngakho-ke akhuluma odwa, athi: Asingalidabuli, kodwa asilenzele inkatho yokuthi liyakuba ngelikabani , ukuze kugcwaliseke umbhalo othi : Babelana izingubo zami , benzelana inkatho ngesambatho sami . Lokho-ke akwenza amabutho.
25
Kepha kwakumi ngasesiphambanweni sikaJesu unina kanye nodadewabo kanina, uMariya umkaKleyophase, noMariya Magdalena.
26
Kuthe uJesu ebona unina nomfundi amthandayo bemi ngakhona , wathi kunina: Mame, bheka indodana yakho.
27
Wayesethi kumfundi : Bheka unyoko . Kusukela kuleso sikhathi umfundi lowo wamyisa kwakhe.
28
Emva kwalokho uJe su, ekwazi ukuthi konke sekuphelelisiwe ukuba umbhalo ugcwaliseke, wathi: Ngomile.
29
Kwakubekiwe khona isitsha sigcwele uviniga ; khona bachoma ilula ligcwele uviniga othini lwehisopi, baliyisa emlonyeni wakhe.
30
Kwathi ukuba uJesu ewamukele uviniga , wathi: Kufeziwe; wagebisa ikhanda, wafa.
31
Khona abaJuda , ngokuba kwakungolokulungisela , ukuze izidumbu zingahlali esiphambanweni ngesabatha , ngokuba lolo suku lwesabatha lwalulukhulu, banxusa uPilatu ukuba yaphulwe imilenze yabo, basuswe.
32
Ayeseza-ke amabuth o, ayaphula imilenze yowokuqala neyomunye owayebethelwe naye.
33
Esefika kuJesu, ebona ukuthi usefile, kawayaphulanga imilenze yakhe;
34
kodwa elinye lamabutho lamgwaza ohlangothini ngomkhonto , kwaphuma masinyane igazi namanzi.
35
Obonileyo ufakazile , ubufakazi bakhe buqinisile ; yena-ke uyazi ukuthi ukhuluma iqiniso, ukuze nikholwe nani.
36
Ngokuba lokho kwenzeka ukuba kugcwaliseke umbhalo othi : Akuyikwaphulwa thambo lakhe.
37
Futhi omunye umbhalo uthi: Bayakumbheka abamgwazileyo.
38
Emva kwalokho uJosefa wase -Arimatheya, engumfundi kaJesu kepha ekufihla ngokwesaba abaJuda , wacela kuPilatu ukuba asuse isidumbu sikaJesu; uPilatu wavuma-ke. Wayesefika, wasisusa isidumbu sikaJesu.
39
Kweza noNikodemu owafika kuye kuqala ebusuku , waletha ixube lenhlaka nomhlaba kungathi amalitra ayikhulu.
40
Ngakho base besithatha isidumbu sikaJesu , basisonga ngezindwangu zelineni kanye namakha njengesiko labaJuda lokumbela.
41
Khona ngakuleyo ndawo , lapho wayebethelwe khona esiphambanweni , kwakukhona insimu , nasensimini kukhona ithuna elisha okwakungazange kubekwe muntu kulo.
42
Bambeka lapho -ke uJesu ngenxa yolokulungisela lwabaJuda , ngokuba ithuna laliseduze.