NgokukaJohane Chapter 18
1
UJesu esekhulume lawo mazwi waphuma kanye nabafundi bakhe , waya phesheya komfudlana iKedroni, lapho kwakukhona insimu angena kuyo yena nabafundi bakhe.
2
NoJuda owamkhaphelayo wayeyazi leyo ndawo , ngokuba uJesu wayevama ukuhlangana khona nabafundi bakhe.
3
Khona uJuda, esethole isigaba samabutho nezikhonzi kubapristi abakhulu nabaFarisi, waya lapho, benezihlanti nezibani nezikhali.
4
Khona uJesu ekwazi konke okuyakumehlela waphuma , wathi kubo: Nifuna ubani na?
5
Bamphendula bathi : UJesu waseNazaretha . UJesu wathi kubo : Yimina. UJuda omkhaphelayo wayemi nabo.
6
Kuthe-ke ukuba athi kubo: Yimina, bahlehla nyovane, bawa phansi.
7
Waphinda wababuza wathi: Nifuna ubani na? Bathi: UJesu waseNazaretha.
8
UJesu waphendula wathi: Nginitshelile ukuthi yimina; uma-ke nifuna mina, bayekeni laba, bahambe,
9
ukuba ligcwaliseke izwi alishiloyo lokuthi : Kulabo ongiphe bona angilahlekelwanga namunye.
10
USimoni Petru enenkemba wayihosha , wayigenca inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe yokunene. Igama lenceku lalinguMalkusi.
11
Khona uJesu wathi kuPetru : Faka inkemba emgodleni wayo ; angiyikusiphuza kanti isitsha anginike sona uBaba na? Ukuthethwa kwecala likaJesu (Math. 26:57; Mark. 14:53; Luk. 22:54)
12
Njalo-ke isigaba nenduna yenkulungwane nezikhonzi zabaJuda bambamba uJesu, bambopha;
13
baqala bamyisa ku-Anase, ngokuba engumukhwe kaKayafase obengumpristi omkhulu walowo mnyaka.
14
UKayafase kamb e nguye owaluleka abaJuda ngokuthi kubalungele ukuba kufe umumtu abe munye ngenxa yesizwe.
15
USimoni Petru walandela uJesu nomunye umfundi. Lowo mfundi wayaziwa ngumpristi omkhulu, wangena noJesu egcekeni lompristi omkhulu;
16
kepha uPetru wayemi ngaphandle emnyango. Waphuma-ke lowo mfundi omunye owaziwa ngumpristi omkhulu , wakhuluma nomlindikazi womnyango, wamngenisa uPetru. Ukuphika kukaPetru (Math. 26:69; Mark. 14:66; Luk. 22:54)
17
Intombazana elinda emnyango yayisithi kuPetru : Imbala nawe awusiye owabafundi balowo muntu na? Wathi yena: Angisiye.
18
Kwakumi khona izinceku nezikhonzi zibasile umlilo wamalahle , ngokuba kwakumakhaza, zotha; noPetru wayenazo otha.
19
Kepha umpristi omkhulu wabuza uJesu ngabafundi bakhe nangemfundiso yakhe.
20
UJesu wamphendula wathi: Ngikhulumile obala ezweni. Ngezikhathi zonke bengifundisa esinagogeni nasethempelini , lapho abaJuda bonke bebuthana khona, angikhulumanga lutho ngasese.
21
Ubuzelani kimi na ? Buza kulabo abezwile lokho engakukhuluma kubo ; bheka, bona bayakwazi engakushoyo.
22
Esasho lokho , esinye isikhonzi esasimi khona sammukula uJesu , sathi: Uphendula umpristi omkhulu kanjalo na?
23
UJesu wasiphendula wathi : Uma ngikhulume kabi , fakaza ngalobo bubi ; kodwa uma kukuhle, ungishayelani na?
24
U-Anase wamthumela eboshiwe kuKayafase umpristi omkhulu. UJesu uphikwa nguPetru ngokwesibili nangokwesithathu
25
Kepha uSimoni Petru wayemi otha . Bathi-ke kuye: Imbala nawe awusiye owabafundi bakhe na? Waphika yena, wathi: Angisiye.
26
Enye yezinceku zompristi omkhulu, eyisihlobo salowo ondlebe yaso uPetru abeyinqumile, yathi: Angikubonanga yini mina ensimini unaye na?
27
Wabuye waphika uPetru; masinyane lakhala iqhude. UJesu ephambi kukaPilatu (Math. 27:11; Mark. 15:1; Luk. 23:1)
28
Base bekhipha uJesu kuKayafase , bemyisa endlini yokwa hlulela; kwakusekuseni. Kepha bona kabangenanga enqabeni ukuba bangangcoli kodwa babe nokudla iphasika.
29
Khona uPilatu waphumela kubo, wathi: Nimthwesa cala lini lo muntu na?
30
Baphendula, bathi kuye : Uma lona ebengesiye owenza okubi , nga singamlethanga kuwe.
31
Khona uPilatu wathi kubo : Mthatheni nina , nimahlulele ngomthetho wakini. Bathi kuye abaJuda: Asivunyelwe ukubulala umuntu,
32
ukuba kugcwaliseke izwi likaJesu alishilo lapha ebonisa ukuthi uyakufa ngokufa okunjani.
33
UPilatu wabuye wangena enqabe ni, wabiza uJesu , wathi kuye : Wena uyinkosi yabaJuda na?
34
UJesu waphendula wathi: Uzisholo lokhu wena, noma kusho abanye kuwe ngami na?
35
UPilatu waphendula wathi: Kanti ngingumJuda yini mina na? Isizwe sakini nabapristi abakhulu bakunikezele kimi; wenzeni na?
36
UJesu waphendula wathi : Umbuso wami awusiwo owaleli zwe . Uma umbuso wami ubungowaleli zwe , izikhonzi zami zaziyakulwa ukuba nginganikezelwa kubaJuda . Kepha kalokhu umbuso wami awusiwo owalapha.
37
Wayesethi uPilatu kuye : Kanti nokho uyinkosi na ? UJesu waphendula wathi: Usho khona . Ngiyinkosi; ngizalelwe lokho , ngafikela lokho ezweni ukuba ngifakazele iqiniso. Bonke abeqiniso bayalizwa izwi lami.
38
Wathi uPilatu kuye : Iqiniso liyini na ? Eseshilo lokho wabuye waphumela kubaJuda, wathi kubo: Angifumani cala kuye.
39
Kepha ninesiko lokuba nginikhululele omunye ngePhasika ; ngakho niyathanda ukuba nginikhululele inkosi yabaJuda na?
40
Khona babuye bamemeza bonke , bathi: Qha lona, kodwa uBaraba. Kepha uBaraba wayengumphangi.