NgokukaJohane Chapter 20
1
Kwathi ngosuku lokuqala lweviki uMariya Magdalena wafik a ethuneni ekuseni kusemnyama, wabona itshe lisusiwe ethuneni.
2
Khona wayesegijima waya kuSimoni Petru nakulowo mfundi omunye uJesu amthandayo, wathi kubo : Bayisusile iNkosi ethuneni , asazi lapha beyibeke khona.
3
Ngakho wayesephuma uPetru nomunye umfundi, beza ethuneni.
4
Bagijima bobabili kanyekanye; kepha umfundi omunye wagijima kakhulu kunoPetru, wafika kuqala ethuneni;
5
elunguza wabona izindwangu zelineni zikhona, kepha akangenanga.
6
Khona wafika noSimoni Petru emlandela , wangena ethuneni , wabona izindwangu zelineni zikhona,
7
neduku ebelisekhanda lakhe libekiwe lingekho ezindwangwini zelineni , kepha lisongwe lilodwa kwenye indawo.
8
Khona wayesengena nomfundi omunye ofike kuqala ethuneni , wabona, wakholwa;
9
ngokuba bebengakawuqondi umbhalo wokuthi ubefanel e ukuvuka kwabafileyo.
10
Base bemuka abafundi, baphindela kubo. Ukuzibonakalisa kukaJesu
11
Kepha uMariya wema ethuneni ngaphandle ekhala ; esakhala walunguza ethuneni;
12
wabona izingelosi ezimbili zembethe okumhlophe , zihlezi, enye ngasekhanda nenye ngasezinyaweni, lapho isidumbu sikaJesu besilele khona.
13
Zona-ke zathi kuye: Mame, ukhalelani na? Wathi kuzo: Bayithathile iNkosi yami, futhi angazi ukuthi bayibekephi.
14
Eseshilo lokho waphenduka , wabona uJesu emi , kepha wayengazi ukuthi nguJesu.
15
UJesu wathi kuye: Mame, ukhalelani na? Ufuna bani na ? Kepha yena ethi ngumphathi wensimu wathi kuye : Nkosi, uma umsusile , ngitshele ukuthi umbekephi, ngiye ngiyakumthatha mina.
16
UJesu wathi kuye: Mariya! Waphenduka, wathi kuye ngesiHeberu: Rabuni, okungukuthi: Mfundisi.
17
UJesu wathi kuye : Ungangithinti, ngokuba angikenyukeli kuBaba . Kepha yana kubazalwane bami , ubatshele ukuthi ngenyukela kuBaba noYihlo , kuNkulunkulu wami noNkulunkulu wenu.
18
UMariya Magdalena weza wabikela abafundi ukuthi : Ngiyibonile iNkosi , nokuthi: Ishilo lokho kimi.
19
Kwathi-ke kusihlwa ngalolo suku , olokuqala lweviki , iminyango ivaliwe lapho abafundi bekhona ngokwesaba abaJuda , uJesu wafika wema phakathi kwabo, wathi kubo: Ukuthula makube kinina.
20
Eseshilo lokho wabakhombisa izandla nohlangothi lwakhe. Base bethokoza abafundi beyibona iNkosi.
21
Khona uJesu wabuye wathi kubo : Ukuthula makube kinina . Njengokuba uBaba engithume mina, nami ngiyanithuma nina.
22
Kwathi ukuba asho njalo , wabaphephetha, wathi kubo: Yamukelani uMoya oNgcwele.
23
Enibathethelela izono zabo bathethelelwe; nenibabamba ngazo babanjiwe.
24
Kepha uTomase , omunye kwabayishumi nambili , othiwa uDidimu , wayengekho kubo mhla efika uJesu.
25
Ngakho-ke abanye abafundi bathi kuye : Siyibonile iNkosi . Kepha wathi kubo: Uma ngingaboni ezandleni zayo inxeba lezipikili , ngifake umunwe wami enxebeni lezipikili , ngifake isandla sami ohlangothini lwayo , angisoze ngakholwa.
26
Emva kwezinsuku eziyisishiyagalombili abafundi bakhe babesendlini futhi, uTomase enabo . UJesu wafika iminyango ivaliwe , wema phakathi kwabo , wathi: Ukuthula makube kinina.
27
Wayesethi kuTomase: Zisa lapha umunwe wakho, ubone izandla zami; zisa isandla sakho , usifake ohlangothini lwami ; ungabi ngongakholwayo kodwa okholwayo.
28
UTomase waphendula, wathi kuye: Nkosi yami, Nkulunkulu wami!
29
UJesu wathi kuye : Ngokuba ungibonile , ukholiwe na ? Babusisiwe abakholwa bengabonanga.
30
Izibonakaliso ezinye eziningi uJesu wazenza phambi kwabafundi bakhe , ezingalotshiwe kule ncwadi.
31
Kodwa lezi zilotshiwe ukuba nikholwe ukuthi uJesu unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu, nokuba nikholwe, nibe nokuphila egameni lakhe.