NgokukaJohane Chapter 21
1
Emva kwalokho uJesu wabuye wazibonakalisa kubafundi ngaselwandle lwaseTiberiya; wazibonakalisa kanje:
2
kwakukhona ndawonye oSimoni Petru , noTomase othiwa uDidimu , noNathanayeli waseKhana laseGalile , nabakaZebedewu, nabanye ababili kubafundi bakhe.
3
USimoni Petru wathi kubo: Ngiya kodoba. Bathi kuye: Nathi sihamba nawe. Base bephuma , bangena emkhunjini ; kepha ngalobo busuku ababambanga lutho.
4
Kuthe sekusa , uJesu wayemi ogwini . Kepha abafundi babengazi ukuthi nguJesu.
5
UJesu wathi-ke kubo: Bantwana, aninakho ukudla na ? Bamphendula bathi: Qha.
6
Wayesethi kubo : Phonsani inetha ngakwesokunene somkhumbi , nizakuthola. Base bephonsa , ababe besaba namandla ukulidonsa ngenxa yobuningi bezinhlanzi.
7
Khona lowo mfundi uJesu amthandayo wathi kuPetru : YiNkosi. USimoni Petru, ekuzwa ukuthi yiNkosi, wagqoka, ngokuba wayehamba ze, waziphonsa elwandle.
8
Kepha abanye abafundi beza ngesikebhe, ngokuba bebengekude nenhlabathi kepha kungathi izingalo ezingamakhulu amabili , bedonsa inetha linezinhlanzi.
9
Kuthe sebephumele emhlabathini , babona umlilo wamalahle , nezinhlanzi zibekwe kuwo, nesinkwa.
10
UJesu wathi kubo: Lethani izinhlanzi kwenizibambe manje.
11
Wasuka uSimoni Petru , walihudulela emhlabathini inetha . Ligcwele izinhlanzi ezinkulu , ziyikhulu namashumi ayisihlanu nantathu ; noma zingako, inetha alidabukanga.
12
UJesu wathi kubo : Wozani nidle . Kepha akwabakho kubafundi o waba nesibindi sokumbuza ngokuthi: Ungubani wena na? Bazi ukuthi yiyo iNkosi.
13
UJesu weza, wathabatha isinkwa, wabapha, nezinhlanzi futhi.
14
Lokho sekungokwesithathu uJesu ebonakaliswa kubafundi , esevukile kwabafileyo. Ukuvivinywa kukaPetru
15
Khona sebedlile uJesu wathi kuSimoni Petru: Simoni kaJona, uyangithanda kunalaba na ? Wathi kuye: Yebo, Nkosi, uyazi wena ukuthi ngiyakuthanda . Wathi kuye: Yipha amawundlu ami.
16
Wabuye wathi kuye ngokwesibili: Simoni kaJona, uyangithanda na? Wathi kuye: Yebo, Nkosi, uyazi wena ukuthi ngiyakuthanda . Wathi kuye: Yalusa izimvu zami.
17
Wathi kuye ngokwesithathu : Simoni kaJona , uyangithanda na ? UPetru wadabuka ngokuba wathi kuye ngokwesithathu : Uyangithanda na ? Wathi kuye: Nkosi, wazi konke wena , uyazi ukuthi ngiyakuthan da. UJesu wathi kuye: Yipha izimvu zami.
18
Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Usemusha wawugqoka, uhambe lapho uthanda khona ; kepha nxa usumdala , uyakwelula izandla zakho , omunye akugqokise, akuyise lapho ungathandi khona.
19
Kepha wakusho lokho ekhomb a ukufa azakumdumisa uNkulunkulu ngakho. Eseshilo lokho wathi: Ngilandele.
20
UPetru ephenduka wabona umfundi uJesu amthandayo elandela , oyena futhi wayencike esifubeni sakhe ekudleni , nowathi: Nkosi, ngubani ozakukukhaphela na?
21
Kuthe uPetru embona lowo, wathi kuJesu: Nkosi, kepha lona, pho?
22
UJesu wathi kuye: Uma ngithanda ukuba ahlale ngize ngifike , kuyini kuwe na? Wena landela mina.
23
Ngakho-ke leli zwi laphumela kubazalwane lokuthi lowo mfundi akayikufa . Kanti uJesu akashongo ukuthi akayikufa kodwa ukuthi: Uma ngithanda ukuba ahlale ngize ngifike, kuyini kuwe na? Isigcino
24
Nguye lo mfundi ofakaza ngalezi zinto nokulobile lokhu ; siyazi ukuthi ubufakazi bakhe buqinisile.
25
Kukhona nezinye izinto eziningi azenza uJesu ; uma zilotshiwe zona ngazinye, ngithi nezwe lonke lingezanele izincwadi ezingalotshwa.