2 uSamuweli Chapter 20
1
Kwakukhona umuntu omubi ogama lakhe lalinguSheba indodana kaBikri umBenjamini; wabetha icilongo , wathi: Asinasabelo kuDavide , asinafa endodaneni kaJese; yiyani nonke ematendeni enu, Israyeli.
2
Bonke abantu bakwa -Israyeli base benyuka bengasamlandeli uDavide , bamlandela uSheba indodana kaBikri; kepha abantu bakwaJuda babambelela enkosini yabo kusukela eJordani kuze kube seJerusalema.
3
UDavide wafika endlini yakhe eJerusalema ; inkosi yathatha abesifazane abayishumi, izancinza zayo, eyayibashiyile ukuba bayilinde indlu , yababeka endlini yokulindela , yabapha uk udla, kepha ayingenanga kubo . Base bevalelwe kwaze kwaba sosukwini lokufa kwabo, behlezi njengabafelokazi.
4
Yayisithi inkosi ku -Amasa: Ngibuthele abantu bakwaJuda ngezinsuku ezintathu, ube khona nawe.
5
Wayesehamba u-Amasa ukubutha uJuda, kepha walibala phezu kwesikhathi asinqunyelweyo.
6
Wayesethi uDavide ku-Abishayi: Manje uSheba indodana kaBikri uyakwenza okubi kakhulu kithi kuno -Abisalomu; thatha wena izinceku zenkosi yakho , umxoshe, funa azitholele imizi ebiyelweyo, asiphunyuke.
7
Emva kwakhe kwaphuma amadoda kaJowabe , namaKhereti namaPheleti , namaqhawe onke; baphuma eJerusalema ukuba ba mxoshe uSheba indodana kaBikri.
8
Besesetsheni elikhulu eliseGibeyoni , u-Amasa wafika ukubahlangabeza . UJowabe wayebhince isambatho sakhe sokulwa ayelokhu esigqoka; kusona lalikhona ibhande elinenkemba emgodleni wayo elaligaxwe okhalweni lwakhe; yawa esehamba.
9
UJowabe wayesethi ku -Amasa: Usaphila, mfowethu, na? UJowabe wambamba u-Amasa ngesilevu ngesandla sakhe sokunene ukuba amange.
10
Kodwa u-Amasa akayinakanga inkemba eyayisesandleni sikaJowabe ; wamgwaza ngayo esiswini , wachithela izibilini zakhe emhlaba thini; wafa engamphindanga. OJowabe no -Abishayi umfowabo bamxosha uSheba indodana kaBikri.
11
Kwema ngakuye enye yezinsizwa zikaJowabe, yathi: Omthanda uJowabe nongokaDavide mabamlandele uJowabe.
12
U-Amasa wahuquzela egazini lakhe phakathi nomendo . Lapho lo muntu ebona ukuthi bonke abantu bema , wamgudluza u -Amasa emendweni , wamyisa ensimini , waphonsa ingubo phezu kwakhe , lapho ebona ukuthi bonke abadlula ngakuye bema.
13
Esesusiwe emendweni, abantu bonke badlula bamlandela uJowabe ukuba bamxoshe uSheba indodana kaBikri.
14
Wadabula izizwe zonke zakwa -Israyeli, waze wafika e -Abela, naseBeti Mahakha, nakuwo onke amaBeri; babuthana bamxosha nakhona.
15
Bafika bamvimbezela e -Abela laseBeti Mahakha , banqwabela iduli ngasemzini elema ngasodongeni ; abantu bonke ababe n oJowabe babhidliza ugange ukuba luwe.
16
Kwase kumemeza owesifazane ohlakaniphileyo esemzini , wathi: Zwanini! Zwanini! Ake nithi kuJowabe: Sondela lapho ukuba ngikhulume nawe.
17
Wasondela kuye ; owesifazane wayesethi : Wena unguJowabe na ? Wathi: Nginguye. Wayesethi kuye : Yizwa amazwi encekukazi yakho . Wathi: Ngiyezwa.
18
Wathi-ke: Endulo babevama ukukhuluma ngokuthi : Kuyakubuzwa nokubuzwa e-Abela. Base beqeda.
19
Mina ngingowokuthula nothembekileyo kwa-Israyeli; wena ufuna ukuchitha umuzi nonina kwa-Israyeli; uyakuligwinyelani ifa likaJehova na?
20
UJowabe waphendula wathi : Makube kude , makube kude nami ukuba ngigwinye noma ngichithe.
21
Akunjalo, kepha umuntu wasezintabeni zakwa -Efrayimi, nguSheba indodana kaBikri igama lakhe , uphakamisele isandla sakhe ngasenkos ini, kuDavide; nginikeni yena kuphela , khona ngiyakusuka emzini . Wayesethi owesifazane kuJowabe : Bheka, ikhanda lakhe liyakuphonswa kuwe ngaphandle kogange.
22
Owesifazane wayeseya ngokuhlakanipha kwakhe kubantu bonke . Bamnquma uSheba indodana kaBikri ikhan da, baliphonsa kuJowabe . Yena wabetha icilongo , bahlakazeka kulowo muzi , baya, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe. UJowabe wabuyela eJerusalema enkosini.
23
UJowabe wayesephezu kwempi yonke yakwa -Israyeli; uBenaya indodana kaJehoyada wayephezu kwamaKhereti namaPheleti;
24
u-Adoramu wayephethe imali ; uJehoshafati indodana ka-Ahiludi wayengumabhalana.
25
USheva wayengumbhali; oSadoki no-Abiyathara babe ngabapristi;
26
u-Ira umJayiri wayengumpristi kaDavide.