Skip to Content

2 uSamuweli Chapter 21

1 Kwaba khon a indlala ezinsukwini zikaDavide iminyaka emithathu ngokulandelana; uDavide wafuna ubuso bukaJehova . UJehova wathi : Kungenxa kaSawule nangenxa yendlu yakhe yegazi , ngokuba wabulala abaseGibeyoni. 2 Inkosi yayisibiza abaseGibeyoni , yakhuluma kubo , abaseGibeyoni babengesibo abantwana bakwa-Israyeli, beyinsali yama -Amori; abantwana bakwa-Israyeli babefungile kubo ; uSawule wafuna ukubabulala ngokushisekela kwakhe abantwana bakwa-Israyeli nabakwaJuda; 3 wathi-ke uDavide kwabaseGibeyoni : Nginenzele ntoni na ? Ngingenza ukubuyisana ngantoni ukuba nibusise ifa likaJehova na? 4 AbaseGibeyoni bathi kuye : Akundaba yesiliva negolide noSawule nendlu yakhe, futhi akundaba yokubulala umuntu kwa -Israyeli. Wathi: Enikushoyo ngiyakunenzela khona. 5 Bathi enkosini : Umuntu owasibul alayo waceba ngathi ukuba sichithwe singasali phakathi kwemikhawulo yakwa-Israyeli, 6 masinikwe abantu abayisikhombisa bamadodana akhe , sibaphanyeke kuJehova eGibeya likaSawule , okhethiweyo kaJehova . Inkosi yathi : Ngiyakuninika bona. 7 Kepha inkosi yamyeka uMefibosheti indodana kaJonathani kaSawule ngenxa yesifungo sikaJehova esasiphakathi kwabo , phakathi kukaDavide noJonathani indodana kaSawule. 8 Kepha inkosi yathatha amadodana kaRispa indodakazi ka -Aya ayewazalele uSawule, o-Arimoni noMefibosheti ; namadodana ayisihlanu kaMikhali indodakazi kaSawule ayewazalele u -Adriyeli indodana kaBarizilayi umMeholati; 9 wabanikela ezandleni zabaseGibeyoni , babaphanyeka entabeni phambi kukaJehova, bawa labo abayisikhombisa kanyekanye ; babulawa ngesikhathi sokuvuna ezinsukwini zokuqala ngasekuqaleni kokuvunwa kwebhali. 10 URispa indodakazi ka -Aya wathatha indwangu yamasaka , wazendlalela yona edwaleni , kusukela ekuqaleni kokuvuna kuze kuthelwe phezu kwabo amanzi asezulwini; akavumelanga izinyoni zezulu ukuba zihlale phezu kwabo emini, nezilwane zasendle ebusuku. 11 Kwabikelwa uDavide ukuthi uRispa indodakazi ka -Aya, isancinza sikaSawule, wenzeni. 12 UDavide waya wathatha amathambo kaSawule namathambo kaJonathani indodana yakhe kubantu baseJabeshi Gileyadi ababewebile esigcawin i saseBeti Shani , lapho, amaFilisti ayebaphanyeke khona , mhla amaFilisti embulala uSawule eGilibowa. 13 Wenyusa lapho amathambo kaSawule namathambo kaJonathani indodana yakhe; baqoqa amathambo ababephanyekiwe. 14 Bawembela amathambo kaSawule noJonathani ind odana yakhe ezweni lakwaBenjamini eSela ethuneni likaKishi uyise ; benza konke okuyalezwe yinkosi. Ngasemuva uNkulunkulu wancengwa ngenxa yezwe. Ukulwa kwamaFilisti 15 AmaFilisti abuye aphaka impi no -Israyeli; uDavide wehla, izinceku zakhe zinaye, balwa namaFilisti; uDavide waphela amandla. 16 U-Ishibi Benobi wabantwana bamaRefa osisindo somkhonto wakhe sasingamashekeli angamakhulu amathathu ethusi , ebhince inkemba entsha , wathi uyakumbulala uDavide. 17 Kepha u-Abishayi indodana kaSeruya wamsiza , wamshaya umFi listi wambulala. Base befunga kuye abantu bakaDavide , bathi: Awusayikuphuma impi nathi, funa ucime isibani sakwa-Israyeli. 18 Kwathi emva kwalokho kwabuye kwavuka impi namaFilisti eGobi ; khona uSibekayi umHushati wabulala uSafi owayengowamadodana amaRefa. 19 Kwabuye kwaba khona impi namaFilisti eGobi ; u-Elihanani indodana kaJahari Oregimi waseBetlehema wabulala uGoliyati umGiti oluthi lomkhonto wakhe lwalunjengogongolo lomaluki. 20 Kwabuye kwaba khona impi eGati , lapho kwakukhona umuntu omude owayeneminwe ey isithupha esandleni nezinzwani eziyisthupha onyaweni , kungamashumi amabili nane kukonke; naye wazalwa yiRefa. 21 Wameyisa u-Israyeli; ngalokho uJonathani indodana kaShimeyi umfowabo kaDavide wambulala. 22 Labo bobane bazalwa ngamaRefa eGati ; bawa ngesandla s ikaDavide nangesandla sezinceku zakhe.