Skip to Content

AmaHubo Chapter 64

1 Yizwa, Nkulunkulu, izwi lami ekukhaleni kwami , ulondoloze ukuphila kwami evusweni lesitha. 2 Ngisithe esigungwini sababi nasesixukwini sabenza okubi, 3 abalola ulimi lwabo njengenkemba , bakhombe imicibisholo yabo engamazwi ababayo 4 ukuba bamdubule ongenacala ngasesitha , bamdubule ngokuzuma bengesabi. 5 Baqinela icebo elibi ; bakhuluma ngokufi hla izingibe ; bathi: Ngubani oyakusibona na? 6 Basongoza izenzo ezimbi , bathi: Siliqedile icebo elisongoziweyo , izibilini nenhliziyo yomuntu kujulile. 7 Kepha uNkulunkulu uyakubadubula ngomcibisholo ; bagwazwe ngokuzunywa. 8 Bayakuwiswa, baficwe lulimi lwabo ; bonke abababonayo bayonikina ikhanda. 9 Bonke abantu bayashaywa luvalo ; bayakushumayela izenzo zikaNkulunkulu, baqonde akwenzileyo. 10 Olungileyo uyakujabula kuJehova , aphephele kuye ; bonke abaqotho ngenhliziyo bayakuzibonga.