AmaHubo Chapter 63
1
Nkulunkulu, wena unguNkulunkulu wami , ngiyakufuna ekuseni ; umphefumulo wami womele wena ; inyama yami ilangazelela wen a ezweni elomileyo eligagadekileyo, lapho amanzi engekho khona.
2
Kanjalo ngikubheka endlini engcwele , ngibone amandla akho nenkazimulo yakho.
3
Ngokuba umusa wakho umnandi kunokuphila ; izindebe zami ziyakukudumisa.
4
Ngiyakukubonga ngisaphila ; ngiyakuphakamisa izandla zami egameni lakho.
5
Umphefumulo wami uyakusutha kungathi ngamanoni namafutha ; umlomo wami uyakudumisa ngezindebe ezethabayo,
6
Nxa ngikukhumbula ecansini lami , ngizindla ngawe emilindweni yasebusuku.
7
Ngokuba ungisizile; ngiyakwethaba ethunzini lamaphiko akho.
8
Umphefumulo wami ubambelele kuwe; esokunene sakho siyangiphasa.
9
Kepha abafuna umphefumulo wami ukuwubulal a bayakwehlela ezindaweni zomhlaba eziphansi.
10
Bayakunikelwa esandleni senkemba, babe yisabelo sezimpungushe.
11
Kepha inkosi iyakuthokoza ngoNkulunkulu ; bonke abafunga yena bayakuzibonga; ngokuba umlomo wabakhuluma amanga uyakuvalwa.