Skip to Content

AmaHubo Chapter 62

1 Umphefumulo wami uzithulele kuNkulunkulu kuphela ; insindiso yami ivela kuye. 2 Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami , inqaba y ami; angiyikunyakaziswa kakhulu. 3 Koze kube nini nisukela umunt u ukuba nimbulale nonk e njengodonga olwengemeyo nothango oludilikayo na? 4 Yebo, bathunga icebo lokumwisa ekuphakameni kwakhe, bathanda amanga; bayabusisa ngomlomo wabo, kepha ezibilinini zabo bayaqalekisa. Sela 5 Mphefumulo wami , zithulisele kuNkulunkulu kuphela , ngokuba ithemba lami livela kuye. 6 Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami , inqaba yami ; angiyikunyakaziswa. 7 Insindiso yami nodumo lwami kukuNkulunkulu ; idwala lami eliqinileyo nesiphephelo sami kukuNkulunkulu. 8 Thembani kuye ngezikhathi zonke nina bantu , nithulule inhliziyo yenu phambi kwakhe; uNkulunkulu uyisiphephelo sethu. Sela 9 Abantwana babantu bangumoya nje , abantwana bezikhulu bangamanga ; esilinganisweni bayakhuphuka, balula kunomoya bonke. 10 Maningakwethembi ukuqhwaga , ningazigabisi ngokuphangiweyo ; uma imfuyo yanda, ningayibeki inhliziyo kuyo. 11 UNkulunkulu ukhulumile kanye , ngikuzwe kabil i ukuthi amandla angakaNkulunkulu. 12 Nomusa ungowakho , Nkosi; ngokuba wena umphindi sela umunt u njengokwenza kwakhe.