AmaHubo Chapter 61
1
Yizwa, Nkulunkulu, ukukhala kwami, ulalele umkhuleko wami.
2
Ngikhala kuwe ngisemkhawulweni womhlaba , lapho inhliziyo yami isebuthakathakeni; ngiholele edwaleni eliphakeme kunami.
3
Ngokuba ubuyisiphephelo sami, inqaba eqinileyo ngakuso isitha.
4
Ngiyakuhlala etendeni lakho kuze kube phakade ; ngiyakukhosela ekusithekeni kwamaphiko akho. Sela
5
Ngokuba wena Nkulunkulu uzizwile izithembiso zami , wabanika ifa abalesaba igama lakho.
6
Uyakweleka izinsuk u ezinsukwini zenkosi ; iminyaka yayo iyakuba njengezizukulwane nezizukulwane.
7
Iyakuhlala phambi kukaNkulunkulu kuze kube phakade ; yimisele umusa neqiniso ukuba kuyilondoloze.
8
Khona ngiyakulidumisa igama lakho kuze kube phakade , ukuze ngigcwalise izithembiso zami imihla ngemihla.