Skip to Content

AmaHubo Chapter 60

1 Nkulunkulu usilahlile, usichithile; mawubuye usilulamise. 2 Uzamazamisile umhlaba, wawudabula izimfa; zivale izimfa zawo , ngokuba uyazamazama. 3 Isizwe sakho usibonisile izinto ezinzima; usiphuzisile iwayini, sabhuyazela. 4 Abakwesabayo ubanike ibhanela ukuba liphakanyiswe ngenxa yeqiniso. Sela 5 Ukuze abathandekayo bakho bakhululwe , sindisa ngesandla sakho sokunene, ungizwele. 6 UNkulunkulu ukhulumile ebungcweleni bakhe , wathi: Ngiyakwethaba; ngiyakulidabula iShekemi, ngisilinganise isiGodi saseSukoti. 7 Ngowami uGileyadi , ngowami uManase ; u-Efrayimi uyisivikelo sekhanda lami, uJuda uyintonga yami yokubusa. 8 UMowabi uyisitsha sami sokuhlambela; phezu kuka -Edomi ngiphonsa isicathulo sami; yethaba ngami, Filistiya. 9 Ngubani oyakungiyisa emzini oqinileyo na ? Ngubani oyakungiholela kwa - Edomi na? 10 Akusiwena Nkulunkulu osilahlileyo na ? Nkulunkulu, awusaphumi nezimpi zethu. 11 Siphe ukuba sisizakale ekuhluphekeni, ngokuba ukusiza komuntu kuyize. 12 NgoNkulunkulu siyakwenza izenzo zamandla ; yena uyakunyathela phansi izitha zethu.