Skip to Content

AmaHubo Chapter 59

1 Ngikhulule ezitheni zami, Nkulunkulu wami, ngivikele kwabangivukelayo; 2 ngikhulule kwabenza okubi, ngisindise kubantu begazi. 3 Ngokuba bhek a, baqamekela umphefumulo wami ; iziqhwaga ziyangihlanganyela, kungekho siphambeko, kungekho sono kimi, Jehova. 4 Ziyagijima, zizilungisele, kungekho cala kimi; vuka, ungihlangabeze, ubone. 5 Wena kambe, Jehova Nkulunkulu Sebawoti , Nkulunkulu ka -Israyeli, vuka uphindisele bonke abezizwe, ungahawukeli namunye kwabahlubukileyo. Sela 6 Bayabuya kusihlwa, bahlaba umkhulungwane njengenja, bezula emzini. 7 Bheka, bayampompa ngomlomo wabo, kukhona izinkemba ezindebeni zabo, ngokuba bathi: Ngubani ozwayo na? 8 Kepha wena Jehova uyabahleka; uyabaklolodela bonke abezizwe. 9 Mandla ami, ngiyakulindela wena, ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami. 10 UNkulunkulu wami uyakungihlangabeza ngomusa wakhe ; uNkulunkulu uyakungibonisa izitha zami ngokwethaba. 11 Ungazibulali, funa abantu bami bakhohlwe ; zizulise ngamandla akho , uzilahle phansi, Nkosi, sihlangu sethu. 12 Izwi lezindebe zazo liyisono somlomo wazo ; mazibanjwe ekuzidleni kwazo nangenxa yesiqalekiso namanga eziwakhulumayo. 13 Ziqede ngokuthukuthela , ziqede zingabe zisabakho ; mazazi ukuba nguNkulunkulu obusa kwaJakobe, kuze kube semikhawulweni yomhlaba. Sela 14 Ziyabuya kusihlwa; zihlaba umkhulungwane njengenja, zizula emzini. 15 Zizulazulela ukudla; uma zingasuthi, zihlala nasebusuku. 16 Kepha mina ngizakuhlabelela ngamandla akho , ngethabele umusa wakho ekuseni, ngokuba uyinqaba yami , nesiphephelo ngosuku lokuhlupheka kwami. 17 Mandla ami , ngizakuhubela wena; ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami , unguNkulunkulu wami womusa.