AmaHubo Chapter 58
1
Imbala nikhuluma ukulunga ngokuthula na ? Madodana abantu , nahlulela ngobuqotho na?
2
Ingani enhliziyweni niphehla imisebenzi emibi ; ezweni nilinganisa ngesilinganiso ukudluzula kwezandla zenu.
3
Ababi bahlubuka kwasesizalweni, abaqamba amanga baduka kwasesiswini.
4
Isihlungu sabo sinjengesihlungu senyoka ; banjengebululu eliyisithulu , elivimba indlebe yalo,
5
lingalaleli izwi lezinyanga ezilumba amalumbo ngokuhlakanipha.
6
Yaphula amazinyo abo emlonyeni wabo , Nkulunkulu! Phohloza amazinyo omhlathi ezingonyama ezingamabhongo, Jehova!
7
Mabaphele njengamanzi agobhozayo; nxa ekhomba ngemicibisholo yakhe , mayibe sengathi iqundekile.
8
Mababe njengomnenke oncibilika , uphele, njengokuphuphume kowesifazane okungalibonanga ilanga.
9
Amabhodwe enu engakazizwa izinkuni zameva , uyakuziphephula, noma ziluhlaza noma zivutha.
10
Olungileyo uyakujabula ngokuba ebona impindiselo ; uyakugeza izinyawo zakhe egazini lababi,
11
abantu baze bathi : Impela ukhona umvuzo wolungileyo ; impela ukhona uNkulunkulu owahlulelayo emhlabeni.