Skip to Content

2 AmaKhosi Chapter 9

1 U-Elisha umprofethi wabiza enye yamadodana abaprofethi , wathi kuyo : Khwica, uphathe lo mfuma wamafutha esandleni sakho , uye eRamoti Gileyadi. 2 Ekufikeni kwakho khona, wofuna uJehu indodana kaJehoshafati kaNimishi, ungene, umsukumise phakathi kwabafowabo , umyise ekamelweni elingaphakathi. 3 Bese wuthatha umfuma wamafutha , uwathele ekhanda lakhe , uthi: U sho kanje uJehova , uthi: Ngikugcobile ube yinkosi kwa -Israyeli. Bese wuvula umnyango, ubaleke, ungalibali. 4 Yayisihamba leyo nsizwa, insizwa engumprofethi, yaya eRamoti Gileyadi. 5 Ekufikeni kwayo, bheka, izinduna zempi zazihlezi; yathi: Nginendaba kuwe nduna. Wathi uJehu: Kubani phakathi kwethu sonke na ? Yathi-ke: Kuwena nduna. 6 Yasukuma, yangena endlini; yathela amafutha ekhanda lakhe , yathi kuye: Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Ngikugcobile ube yinkosi yabantu bakaJehova kwa-Israyeli. 7 Uyakuchitha indlu ka -Ahabi inkosi yakho ukuba ngiphindisele igazi lezinceku zami abaprofethi negazi lezinceku zonke zikaJehova esandleni sika- Izebeli. 8 Yonke indlu ka-Ahabi iyakubhubha; ngiyakunquma ku-Ahabi wonke umlisa, omncane nomkhulu. 9 Ngiyakwenza indlu ka -Ahabi ibe njengendlu kaJerobowamu indodana kaNebati nanjengendlu kaBahasha indodana ka-Ahiya. 10 Izinja ziyakumudla u -Izebeli esiqeshini sezwe laseJizreyeli ; akuyikubakho muntu wokummbela. Yayisivula umnyango, yabaleka. 11 UJehu waphumela ezincekwini zenkosi yakhe ; enye yathi kuye : Konke kusalungile na? Luzeleni lolo hlanya kuwe na ? Wathi kuzo: Nina niyamazi lowo muntu nakukhulumileyo. 12 Kepha zathi : Amanga; ake usitshele . Wayesethi: Wakhuluma kimi ukuthi nokuthi, ethi: U sho kanje uJehova , uthi: Sengikugcobile ube yinkosi kwa- Israyeli. 13 Zase zishesha, zathatha, kwaba yileyo naleyo ingubo yayo, zazibeka phansi kwakhe esikhwelweni, zabetha icilongo, zathi: UJehu uyinkosi. 14 UJehu, indodana kaJehoshafati, kaNimishi, wamenzela ugobe uJoramu -- uJoramu wayelinda eRamoti Gileyadi , yena naye wonke u -Israyeli ngenxa kaHazayeli, inkosi yase-Aramu; 15 kepha inkosi uJoramu yayibuyele eJizreyeli ukuba yelashwe emanxebeni ayo eyayilinyazwe wona ngama -Aramu ekulweni kwayo noHazayeli , inkosi yase-Aramu, uJehu wathi: Uma kungumqondo wenu lokhu , makungabaleki muntu, aphume emzini, aye ukubika eJizreyeli. 16 UJehu wayesekhwela inqola, waya eJizreyeli, ngokuba uJoramu wayelele lapho. U-Ahaziya, inkosi yakwaJuda, wayehlele ukumbona uJoramu. 17 Umlindi owayemi embhoshongweni waseJizreyeli wabona iviyo likaJehu lisafika, wathi: Ngibona iviyo . UJoramu wathi : Zithathele owehh ashi umthume ukubahlangabeza ngokuthi: Kusahleziwe kahle na? 18 Owehhashi wayesehamba ukumhlangabeza , wathi: Isho kanje inkosi , ithi: Kusahleziwe kahle na ? UJehu wathi : Unandabani nokuhlala kahle na ? Buyela emva kwami . Wayesebika umlindi , ethi: Isithunywa safika kubo , kepha asibuyanga. 19 Wayesethuma owehhashi wesibili owaya kubo , wathi: Isho kanje inkosi , ithi: Kusahleziwe kahle na ? Wathi uJehu: Unandabani nokuhlala kahle na ? Buyela emva kwami. 20 Umlindi wabika wathi : Sifikile kubo , kepha asibuyi ; ukuqhuba kufana nokuqhuba kukaJehu indodana kaNimishi ; ngokuba uqhuba kungathi uyahlanya. 21 Wayesethi uJoramu: Bophela. Babophela-ke inqola yakhe. UJoramu inkosi yakwa-Israyeli no -Ahaziya inkosi yakwaJuda baphuma , kwaba yilowo nalowo ngenqola yakhe , baphuma ukum hlangabeza uJehu , bamfumana esiqeshini sezwe likaNaboti waseJizreyeli. 22 Kwathi uJoramu esembonile uJehu , wathi: Kusahleziwe kahle , Jehu, na? Wathi: Ukuhlala kahle kuni, kuse kuningi ukufeba nokulumba kukanyoko u - Izebeli, na? 23 UJoramu wayesephenduka wabaleka, wathi ku-Ahaziya: Ngugobe, Ahaziya! 24 UJehu wayesensala umnsalo ngamandla akhe onke , wamcibishela uJoramu phakathi kwamahlombe akhe , umcibisholo waphuma ngasenhliziyweni yakhe, wawela phansi enqoleni yakhe. 25 Wayesethi kuBidikari , induna yakhe : Mthathe, umntshinge esiqeshini sezwe likaNaboti waseJizreyeli, ngokuba khumbula ukuthi, lapho mina nawe sasigibela sobabili emva kuka-Ahabi uyise, uJehova wamthwesa lolu daba 26 lokuthi: Impela ngibone izolo igazi likaNaboti negazi lamadodana akhe , usho uJehova; ngiyakukuphindisela kulesi siqephu, usho uJehova. Ngalokho mthathe, umntshinge kulesi siqephu njengezwi likaJehova. 27 U-Ahaziya, inkosi yakwaJuda, esebone lokho wabaleka ngendlela yendlu yasensimini. Kepha uJehu wamlandela , wathi: Mbulaleni naye enqoleni yakhe. Benze njalo -ke ngasemmangweni waseGuri ongaseJibileyamu . Wabalekela eMegido, wafela khona. 28 Izinceku zakhe zamyisa ngenqola eJerusalema , zammbela ethuneni lakhe kanye nawoyise emzini kaDavide. 29 Ngomnyaka weshumi nanye kaJoramu indodana ka-Ahabi u-Ahaziya waba yinkosi kwaJuda. 30 UJehu esefikile eJizreyeli , u-Izebeli wakuzwa, wagqaba amehlo akhe , wahlobisa ikhanda lakhe, walunguza efasiteleni. 31 UJehu esengena esangweni wathi : Kusahleziwe kahle wena Zimri , mbulali wenkosi yakho, na? 32 Waphakamisela ubuso bakhe ngasefasiteleni , wathi: Ubani onami na ? Ngubani? Kwase kulunguza kuye izinduna ezimbili noma ezintathu. 33 Wathi: Mphonseni phansi . Zamphonsa; igazi lakhe lasaphazeka odongeni nasemahhashini; wamnyathela phansi kwezinyawo zakhe. 34 Wangena, wadla, waphuza; wayesethi: Mbhekeni lo mqalekiswakazi, nimmbele, ngokuba uyindodakazi yenkosi. 35 Baya ukummbela , kepha abafumananga lutho kuye , kuphela inhloko , nezinyawo, nezintende zezandla. 36 Babuya, bamtshela. Wathi: Nanti izwi likaJehova owalikhuluma n gesandla senceku yakhe u-Eliya waseThishibi, ethi: Esiqeshini sezwe laseJizreyeli izinja ziyakuyidla inyama ka-Izebeli; 37 isidumbu sika-Izebeli siyakuba njengomquba ebusweni bomhlaba esiqeshini sezwe laseJizreyeli ukuba bangasho ukuthi: Nangu u-Izebeli.