2 AmaKhosi Chapter 10
1
U-Ahabi wayenamadodana angamashumi ayisikhombisa eSamariya . UJehu waloba izincwadi, wazithuma eSamariya ezinduneni zaseJizreyeli kumalunga nakubondli bakwa-Ahabi, wathi:
2
Manje njengalokhu le ncwadi ifika kinina , lokhu amadodana enkosi yenu ekini, kukhona futhi kini izinqola namahhashi , kanye nomuzi obiyelweyo , nezikhali,
3
ziboneleni enhle nefaneleyo kumadodana enkosi yenu , niyibeke esihlalweni sobukhosi sikayise, nilwele indlu yenkosi yenu.
4
Kepha besaba kakhulu impela , bathi: Bheka, amakhosi amabili awemanga phambi kwakhe; pho, thina singema kanjani na?
5
Umphathi wendlu nomphathi womuzi kanye namalunga nabondli bathumela kuJehu, bathi: Siyizinceku zakho , siyakwenza konke oyakusitshela khona ; asiyikwenza muntu abe yinkosi; yenza okuhle emehlweni akho.
6
Wayeseloba incwadi yesibili kubo , ethi: Uma ninami , nilalela izwi lami , thathani amakhanda alaba bantu , amadodana enkosi yenu , nize kimi eJizreyeli ngalesi sikhathi kusasa . Amadodana en kosi engabantu abangamashumi ayisikhombisa ayekwabakhulu bomuzi ababewondla.
7
Kwathi incwadi isifikile kubo , bawathatha amadodana enkosi , bawabulala, abantu abangamashumi ayisikhombisa, babeka amakhanda awo emaqomeni, bawathuma kuye eJizreyeli.
8
Kwafika is ithunywa, samtshela ukuthi : Balethile amakhanda amadodana enkosi. Wathi: Wabekeni abe yizinqwaba ezimbili ngasesikhaleni sesango kuze kube sekuseni.
9
Kwathi ekuseni waphuma , wema, wathi kubantu bonke : Nina nilungile ; bhekani, mina ngenzele inkosi yami ugob e, ngayibulala, kepha ngubani ogence bonke laba na?
10
Qaphelani manje ukuthi akuyikuwela phansi lutho lwezwi likaJehova alikhulumayo uJehova ngendlu ka -Ahabi; uJehova wenzile lokho akukhulumayo ngesandla senceku yakhe u-Eliya.
11
UJehu wayesebulala bonke a baseleyo bendlu ka -Ahabi eJizreyeli , nabo bonke abakhulu bakhe , nabazana naye , nabapristi bakhe , waze wangamshiyela noyedwa owasalayo.
12
Wayesesuka, wahamba waya eSamariya ; kwathi esendlini yokugunda kwabelusi endleleni,
13
uJehu wafumana abafowabo baka -Ahaziya inkosi yakwaJuda, wathi: Nina ningobani na ? Bathi: Singabafowabo baka -Ahaziya; siyehla ukubingelela abantwana benkosi nabantwana benkosikazi.
14
Wathi: Babambeni besaphila. Babathatha besaphila , bababulala ngasemgodini wendlu yokugunda , abantu abangam ashumi amane nambili ; kashiyanga muntu kubo.
15
Esesukile khona wafumana uJehonadaba indodana kaRekabi eza ukumhlangabeza; wambingelela, wathi kuye : Inhliziyo yakho ilungelene nenhliziyo yami njengeyami ilungelene neyakho na ? Wathi uJehonadaba: Yebo. Wathi uJehu: Uma kunjalo , nginike isandla sakho . Wamnika isandla sakhe, wamkhwelisa enqoleni yakhe.
16
Wayesethi: Hamba nami , ubone ukushisekela kwami uJehova . Base bemkhwelisa enqoleni yakhe.
17
Esefike eSamariya wabulala bonke abaseleyo baka -Ahabi eSamariya, waze wamqeda njengezwi likaJehova alikhuluma ku-Eliya.
18
UJehu wabutha bonke abantu , wathi kubo : U-Ahabi wamkhonza uBali kancane, kepha uJehu uyakumkhonza kakhulu.
19
Ngalokho ngibizele bonke abaprofethi bakaBali, zonke izinceku zakhe, nabo bonke abapristi bakhe, kungasali muntu, ngokuba nginomhlatshelo omkhulu kuBali; bonke abafunyaniswa bengekho abayikuphila . Kepha uJehu wakwenza ngobuqili ukuba abhubhise izinceku zikaBali.
20
Wayesethi uJehu : Mngcweliseleni uBali umhlangano womkhosi . Bawumemezela-ke.
21
UJehu wathumela ku -Israyeli wonke ; zonke izinceku zikaBali zafika , akwaze kwasala muntu ongafikanga ; zangena endlini kaBali , indlu kaBali yagcwala yathi swi, kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni.
22
Wathi kumphathi wekamelo lezambatho : Zikhiphele zonke izin ceku zikaBali izambatho. Wazikhiphela izambatho.
23
Wayesengena uJehu noJehonadaba indodana kaRekabi endlini kaBali ; wathi ezincekwini zikaBali : Cingani, nibone ukuba kungabikho kini lapha noyedwa wezinceku zikaJehova, izinceku zikaBali kuphela.
24
Bangena u kunikela ngemihlatshelo nangeminikelo yokushiswa . UJehu wayezimisele ngaphandle abantu abangamashumi ayisishiyagalombili, wathi: Uma kuphunyuka umuntu walaba bantu engibaletha ezandleni zenu , kuyakuba ngukuphila ngokuphila.
25
Kwathi eseqedile ukunikela ng omnikelo wokushiswa , uJehu wathi kubalindi nasezinduneni : Ngenani, nibabulale, kungaphumi muntu . Bababulala ngosiko lwenkemba . Abalindi nezinduna babantshinga phandle , bangena ekamelweni eliphakathi lendlu kaBali.
26
Bakhipha izinsika ezazisendlini kaBali, bazishisa.
27
Babhidliza insika kaBali, badiliza indlu kaBali, bazenza izindlu zendle kuze kube namuhla.
28
UJehu wamchitha-ke uBali kwa-Israyeli.
29
Kepha akasukanga ekulandeleni izono zikaJerobowamu indodana kaNebati onisa ngazo u-Israyeli, namathole egolide ayeseBethele nakwaDani.
30
UJehova wathi kuJehu: Ngenxa yokuba wenze kahle ngokufeza okulungile emehlweni ami , futhi wenze kuyo indlu ka -Ahabi njengakho konke okwakusenhliziyweni yami, amadodana akho ezizukulwane ezine ayakuhlala esihlalweni sobukhosi sika-Israyeli.
31
Kodwa uJehu akagcinanga ukuhamba emthethweni kaJehova uNkulunk ulu ka-Israyeli ngayo yonke inhliziyo yakhe , kasukanga ezonweni zikaJerobowamu onisa ngazo u-Israyeli.
32
Ngalezo zinsuku uJehova waqala ukunqinda elakwa -Israyeli; uHazayeli wabachitha emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli,
33
kusukela eJordani ngasempumalanga, lonke izwe lakwaGileyadi , abakwaGadi, nabakwaRubeni, nabakwaManase, kusukela e -Aroweri elingasemfuleni i-Arinoni, elakwaGileyadi neBashani.
34
Ezinye izindaba zikaJehu , nakho k onke akwenzayo , nawo onke amandla akhe, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?
35
UJehu wayeselala koyise , bammbela eSamariya . UJehowahazi, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
36
Isikhathi uJehu abus a ngaso kwa -Israyeli, eSamariya saba yiminyaka engamashumi amabili nesishiyagalombili.