Skip to Content

UDuteronomi Chapter 21

1 Uma kufunyaniswa obuleweyo ezweni akunika lona uJehova uNkulunkulu wakho ukuba ulidle, elele endle, kungaziwa ukuthi ngubani ombuleleyo, 2 kuyakufika amalunga akho nabahluleli bakho , balinganise amabanga okuya emizini emzungezayo obuleweyo, 3 kuze ku thi umuzi oseduze nobuleweyo , amalunga alowo muzi athathe isithokazi ezinkomeni okungasetshenzwanga ngaso, singadonsanga ejokeni, 4 amalunga alowo muzi asehlisele leso sithokazi esigodini esinamanzi ampompozayo, esingalinywanga, singatshalwanga, ayaphule in tamo yesithokazi lapho esigodini; 5 abapristi, amadodana kaLevi , bayakusondela, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ubakhethile ukuba bamkhonze , babusise egameni likaJehova; ngezwi labo konke ukuxabana nokushaya kuyakunqunywa; 6 onke amalunga alowo muzi oseduze nobuleweyo ayakuhlamba izandla zawo phezu kwesithokazi esaphulelwe intamo esigodini, 7 aphendule athi : Izandla zethu azichithanga leli gazi , namehlo ethu awakubonanga. 8 Thethelela, Jehova, abantwana bakho u-Israyeli obahlengileyo, ungavumeli igazi elinge nacala phakathi kwabantu bakho u -Israyeli, bese bethethelelwa igazi lelo. 9 Kanjalo uyakukhipha igazi elingenacala phakathi kwakho , ngokuba uyakwenza okulungile emehlweni kaJehova. Ngokuganwa ngowesifazane othunjiweyo 10 Lapho uphuma impi ukuhlasela izitha zakho uJehova uNkulunkulu wakho azinikela ezandleni zakho, uzithumbe, 11 ubone phakathi kwabathunjwa owesifazane omuhle onamathela kuye , uthanda ukumthatha abe ngumkakho, 12 myise ekhaya, aphucule ikhanda lakhe, asike izinzipho zakhe, 13 akhumule izingubo zok uthunjwa kwakhe , ahlale endlini yakho , akhalele uyise nonina inyanga yonke , andukuba ungene kuye , ube yindoda yakhe , yena abe ngumkakho. 14 Kepha uma ungathokozi ngaye , womyeka ukuba ahambe , aye lapho ethanda khona ; kodwa awuyikuthengisa ngaye neze ngemali , ungamphathi njengesigqila, ngokuba usumonile. Ifa lobuzibulo 15 Uma umuntu enabafazi ababili , omunye ethandeka omunye aliwa , bamzalele abantwana , othandekayo nowaliwayo , bese kuthi indodana eyizibulo ingeyowaliwayo, 16 kuyakuthi mhla ewahlukanisela amadoda na akhe ifa analo , makangayenzi indodana yentandokazi izibulo phambi kwendodana yesaliwakazi okuyiyona eyizibulo, 17 kepha avume ukuba indodana yowaliwayo ibe yizibulo ngokuyinika isabelo esiphindiweyo sakho konke anakho , ngokuba yona ingukuqala kwamandla akhe; ilungelo lezibulo lingelayo. Ukuphathwa kwabantwana abanenkani 18 Uma umuntu enendodana enenkani nengezwayo , engalaleli izwi likayise noma izwi likanina, engalaleli noma beyilaya, 19 uyise nonina bayakuyibamba , bayiyise kumalunga omuzi wakubo nasesangweni lendawo yakubo, 20 bathi kumalunga omuzi: Le ndodana yethu inenkani , ayizwa, ayilaleli izwi lethu; iyisishingi nesidakwa. 21 Onke amadoda omuzi wakubo ayakumkhanda ngamatshe aze afe ; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho, wonke u-Israyeli ezwe, esabe. Umthetho womuntu ophanyekwayo 22 Uma umuntu enzile isono esifanele ukufa, abulawe, umphanyeke emthini, 23 isidumbu sakhe asiyikuhlala bonke ubusuku emthini , kepha wommbela nokummbela ngalona lolo suku , ngokuba ophanyekiweyo uqalekisiwe nguNkulunkulu, ukuba ungalingcolisi izwe lakini akunika lona uJehova uNkulunkulu wakho libe yifa lakho.