Skip to Content

UDuteronomi Chapter 20

1 Nxa uphuma impi ukuhlasela izitha zakho , bese wubona amahhashi , nezinqola, nabantu abaningi kunawe , ungabesabi, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe, yena owakukhuphula ezweni laseGibithe. 2 Kuyakuthi lapho nisondela empini, afike umpristi, akhulume kubantu, athi kubo: 3 Yizwa, Israyeli! Nisondela namuhla empini ukuhlasela izitha zenu; inhliziyo yenu mayingadangali , ningesabi, ningaqhaqhazeli, ningashaywa luvalo phambi kwazo, 4 ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho nguye ohamba nani, anilwele nezitha zenu ukuba anisindise. 5 Izinduna ziyakukhuluma kubantu, zithi: Ngumuphi umuntu owakhile indlu entsha engayivulanga na ? Makahambe, abuyele endlini yakhe , funa afele empini, omunye umuntu ayivule. 6 Ngumuphi umuntu otshalile isivini engadlanga izithelo zaso na ? Makahambe, abuyele endlini yakhe , funa afele empini , omunye umuntu asidle. 7 Ngumuphi umuntu onengoduso engayithathanga na ? Makahambe, abuyele endlini yakhe, funa afele empini, omunye umuntu ayithathe. 8 Izinduna ziyakukhuluma futhi kubantu , zithi: Ngumuphi umuntu owesabayo onenhliziyo edangeleyo na ? Makahambe, abuyele endlini yakhe , funa izinhliziyo zabafowabo zincibilike njengenhliziyo yakhe. 9 Kuyakuthi lapho izinduna s eziqedile ukukhuluma , zikhethe izin duna zamabandla eziyakubahola abantu. 10 Nxa usondela emzini ukulwa nawo, mawumemezele ukuthula kuwo. 11 Kuyakuthi uma ukuphendula ngezwi lokuthula , uzivulele kuwe , abantu bonke abafunyaniswa phakathi kwawo baba yizinceku zempoqo, bakukhonze. 12 Uma ungenzi ukuthula kuwe kepha ukuhlasela, uyakuwuvimbezela, 13 nalapho uJehova uNkulunkulu wakho ewunikela esandleni sakho , uyakushaya bonke abesilisa bawo ngosiko lwenkemba, 14 kepha abesifazane , nabantwana, nezinkomo, nakho konke okusemzini, yebo, yonke impango yawo , uyakukuthatha kube yimpango yakho , uyidle impango yezitha zakho uJehova uNkulunkulu wakho akunike yona. 15 Uyakwenze njalo kuyo yonke imizi ekude kakhulu nawe , engesiyo imizi yalezi zizwe. 16 Kodwa emizini yalaba bantu uJehova uNkulunkulu wakho akunika bona babe yifa lakho awuyikusindisa lutho oluphefumulayo, 17 kepha uyakubabhubhisa nokubabhubhisa : amaHeti, nama-Amori, namaKhanani, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi njengokukuyala kukaJehova uNkulunkulu wakho, 18 ukuze banganifundisi ukuba nenze zonke izinengiso zabo abazenzile konkulunkulu babo, none kuJehova uNkulunkulu wenu. 19 Nxa uvimbezela umuzi isikhathi eside ngokulwa nawo ukuba uwuthathe , awuyikuyichitha imithi ngokuyigalela ngezembe , ngokuba ungadla kuyo ; ungayigawuli, ngokuba umuthi wasendle ungumuntu yini ukuba uvinjezelwe nguwe na? 20 Imithi oyaziyo ukuthi ayisiyo imithi yokudla , yiyona kuphela oyakuyichitha, uyigawule, wakhe izinqaba ngasemzini olwa nawe, uze uwe.