Skip to Content

UNumeri Chapter 22

1 Abantwana bakwa -Israyeli bahamba , bamisa emathafeni akwaMowabi ngaphesheya kweJordani ngaseJeriko. 2 UBalaki indodana kaSipori wabona konke akwenzile u -Israyeli kuwo ama - Amori. 3 UMowabi wayesesaba kakhulu abantu , ngokuba babebaningi ; uMowabi waba nosizi ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli. 4 UMowabi wathi kumalunga akwaMidiyani: Manje leli bandla liyakukhotha konke okungakithi nxazonke , njengalokhu inkabi ikhotha utshani bedlelo . UBalaki indodana kaSipori wayeyinkosi yakwaMowabi ngaleso sikhathi. 5 Wathuma izithunywa kuBileyamu indodana kaBeyori ePethori elingasemfuleni ezweni labantwana babantu ba khe ukumbiza ngokuthi : Bheka, nampa abantu abaphumile eGibithe ; bheka, basibekela ubuso bomhlaba; sebehlala malungana nami; 6 ngalokho ake uze manje , ungiqalekisele laba bantu, ngokuba bayangahlula; mhlawumbe ngingaze ngibe namandla ukuba sibanqobe , ngibaxoshe ezweni, ngokuba ngiyazi ukuthi ombusisayo ubusisiwe, nomqalekisayo uqalekisiwe. 7 Amalunga akwaMowabi namalunga akwaMidiyani asuka enenkokhelo yokubhula esandleni sawo ; ayesefika kuBileyamu , akhuluma kuye amazwi kaBalaki. 8 Wathi-ke kuwo: Hlalani lapha lobu busuku, nginibuyisele izwi, njengalokhu uJehova eyakukhuluma kimi. Izikhulu zakwaMowabi zahlala-ke kuBileyamu. 9 UNkulunkulu wafika kuBileyamu, wathi: Ngobani lawa madoda akuwe na? 10 UBileyamu wathi kuNkulunkulu: UBalaki indodana kaSipori , inkosi yakwaMowabi, uthumile kimi wathi: 11 Bheka, abantu abaphumile eGibithe basibekela ubuso bomhlaba ; woza kalokhu, ungiqalekisele bona; mhlawumbe ngingaze ngibe namandla ukulwa nabo, ngibaxoshe. 12 UNkulunkulu wathi kuBileyamu : Awuyikuhamba nawo ; awuyikuqalekisa abantu, ngokuba babusisiwe. 13 UBileyamu wavuka ekuseni , wathi kuzo izikhulu zikaBalaki : Buyelani ezweni lakini, ngokuba uJehova uyangalela ukuba ngihambe nani. 14 Izikhulu zakwaMowabi zasuka , zaya kuBalaki , zathi: UBileyamu uyala ukufika nathi. 15 UBalaki wabuye wathuma izikhulu, ziningi, zidumile kunezokuqala. 16 Zafika kuBileyamu, zathi kuye: Usho kanje uBalaki indodana kaSipori, uthi: Ake ungavinjwa lutho ukuza kimi, 17 ngokuba ngiyakukunika udumo olukhulu , nakho konke ongitshela khona ngiyakukwenza; ake uze ngalokho manje, ungiqalekisele laba bantu. 18 UBileyamu waphendula wathi kuzo izinceku zikaBalaki : Noma uBalaki ebeyakunginika indlu yakhe igcwele isiliva negolide, anginakulidlula izwi likaJehova uNkulunkulu wami ukwenza okuncane nokukhulu. 19 Ngalokho ake nihlale nani lapha lobu busuku , ukuze ngazi ukuthi uJehova useyakukhulumani kimi futhi. 20 UNkulunkulu weza kuBileyamu ebusuku , wathi kuye: Uma amadoda efika ukukubiza, vuka uhambe nawo; kepha lelo zwi kuphela engilikhuluma kuwe uyakulenza. 21 UBileyamu wa vuka ekuseni , wabophela imbongolo yakhe , wahamba nezikhulu zakwaMowabi. 22 Intukuthelo kaNkulunkulu yavutha ngokuba wahamba ; ingelosi kaNkulunkulu yema endleleni ukuba imelane naye . Wayekhwele imbongolo yakhe, izinceku zakhe ezimbili zinaye. 23 Imbongolo yab ona ingelosi kaJehova imi endleleni , inenkemba yayo ehoshiweyo esandleni sayo ; imbongolo yachezuka endleleni , yaya ensimini, kepha uBileyamu wayishaya imbongolo ukuyibuyisela endleleni. 24 Ingelosi kaJehova yayisima endleleni engumngcingo phakathi kwezivini , kwaba ludonga ngalapha nodonga ngalapha. 25 Imbongolo yayibona ingelosi kaJehova , yazigqula odongeni , yalimaza unyawo lukaBileyamu ngasodongeni; wabuye wayishaya. 26 Ingelosi kaJehova yaqhubeka yema endaweni eminyeneyo , lapho kwakungekho khona indlela yoku jika ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo. 27 Imbongolo yayibona ingelosi kaJehova , yalala phansi kukaBileyamu ; intukuthelo kaBileyamu yavutha, wayishaya imbongolo ngenduku yakhe. 28 UJehova wavula umlomo wembongolo , yathi kuBileyamu: Ngenzeni kuwe ukuba ungishaye kathathu na? 29 UBileyamu wathi embongolweni : Ngokuba ungiswabulele; sengathi ngabe kukhona inkemba esandleni sami, ngokuba ngabe sengikubulele. 30 Kepha imbongolo yathi kuBileyamu : Angisiyo imbongolo yakho oyikhwele konke ukuhamba kwakho kuze kube manje na? Ngangivama ukwenza kanjalo kuwe na? Wathi: Qha. 31 UJehova wayesevula -ke amehlo kaBileyamu, wayibona ingelosi kaJehova imi endleleni, inenkemba yayo ehoshiweyo esandleni sayo ; wagoba ikhanda, wawa ngobuso bakhe. 32 Ingelosi kaJehova yathi kuye : Uyishayeleni imbongolo yakho kathathu na ? Bheka, ngiphumele ukumelana nawe, ngokuba indlela yakho iyingozi phambi kwami; 33 imbongolo yangibona , yachezuka phambi kwami kathathu ; uma ibingachezukanga kimi, ngabe sengikubulele, ngayisindisa yona. 34 Wathi uBileyamu k uyo ingelosi kaJehova : Ngonile; ngokuba bengingazi ukuthi umi endleleni umelene nami; ngalokho uma kukubi emehlweni akho , ngiyakubuyela emuva. 35 Yayisithi ingelosi kaJehova kuBileyamu: Hamba nalawa madoda, kepha lelo zwi kuphela engiyakulikhuluma kuwe uyak ulikhuluma. UBileyamu wayesehamba nezikhulu zikaBalaki. 36 UBalaki esezwa ukuthi uBileyamu uyeza , waphuma ukumhlangabeza e -Iri Mowabi elisemkhawulweni wase-Arinoni, liseceleni komkhawulo. 37 UBalaki wathi kuBileyamu: Angithumanga nokuthuma kuwe ukukubiza na? Awufikanga ngani kimi? Anginamandla yini okukunika udumo na? 38 UBileyamu wathi kuBalaki : Bheka, sengifikile kuwe, anginamandla nokho manje okukhuluma utho . Izwi uNkulunkulu alifaka emlonyeni wami , ngiyakukhuluma lona. 39 UBileyamu wahamba noBalaki, bafika eKiriyati Husoti. 40 UBalaki wanikela ngezinkabi nangezimvu, wazithuma kuBileyamu nakuzo izikhulu ezinaye. 41 Kwathi ekuseni uBalaki wamthatha uBileyamu , wamyisa ezindaweni eziphakemeyo zikaBali, wabona elapho inxenye yabantu.