1 uSamuweli Chapter 5
1
AmaFilisti athatha umphongolo kaNkulunkulu , awususa e-Ebeni Ezeri , awuyisa e-Ashidodi.
2
AmaFilisti awuthatha umphongolo kaNkulunkulu , awungenisa endlini kaDagoni, awubeka ngakuye uDagoni.
3
Abase-Ashidodi sebevukile kusasa ekuseni, bheka, uDagoni wayewile phansi ngobuso phambi komphongolo kaJehova . Bamthatha uDagoni, bambuyisela endaweni yakhe.
4
Sebevukile kusasa ekuseni , bheka, uDagoni wayewile phansi ngobuso phambi komphongolo kaJehova ; ikhanda likaDagoni nezimpama zombili zezandla zakhe zazinqamukile zisembundwini ; kwasala isidumbu sakhe kuphela.
5
Ngalokho abapristi bakaDagoni nabo bonke abangena endlini kaDagoni abanyatheli embundwini kaDagoni e-Ashidodi kuze kube namuhla. AmaFilisti ayahlushwa yisandla sikaJehova
6
Kepha isandla sikaJehova sasinzima phezu kwabase -Ashidodi, wabachitha, wababulala ngamathumba, i-Ashidodi nemikhawulo yalo.
7
Abantu base -Ashidodi sebebona ukuthi kunjalo bathi : Umphongolo kaNkulunkulu ka -Israyeli awuyikuhlala kithi , ngokuba isandla sakhe silukhuni phezu kwethu naphezu kukaDagoni unkulunkulu wethu.
8
Bathuma babuthela kubo on ke amakhosi amaFilisti , bathi: Siyakwenzani ngomphongolo kaNkulunkulu ka -Israyeli na ? Athi: Umphongolo kaNkulunkulu ka -Israyeli mawususelwe eGati . Bawususela umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli khona.
9
Kwathi sebewususele khona , isandla sikaJehova sasiphez u kwalowo muzi ngokungquzula okukhulu , wabulala abantu bomuzi abancane nabakhulu ; kwaqhamuka amathumba kubo.
10
Base bethuma umphongolo kaNkulunkulu e -Ekroni. Kwathi ekufikeni komphongolo kaNkulunkulu e -Ekroni abase -Ekroni bakhala bathi : Balethile umphongolo kaNkulunkulu ka -Israyeli kithi ukuba usibulale thina nabantu bakithi.
11
Bathuma babutha onke amakhosi amaFilisti , bathi: Wususeni umphongolo kaNkulunkulu ka -Israyeli, ubuyele endlini yawo , ukuba ungasibulali thina nabantu bakithi, ngokuba kwakukhona ukungquzuka okokufa emzini wonke; isandla sikaNkulunkulu sasinzima kakhulu khona.
12
Abantu abangafanga bashaywa ngamathumba ; ukukhala komuzi kwenyukela ezulwini.