Skip to Content

NgokukaMathewu Chapter 8

1 Kwathi esehlile entabeni, zamlandela izixuku eziningi. 2 Bheka, kwafika onochoko , wakhuleka kuye , wathi: Nkosi, uma uthanda , ungangihlambulula. 3 Wayeselula isandla , wamphatha, wathi: Ngiyathanda; hlambuluka. Wayesehlambuluka masinyane ochokweni lwakhe. 4 UJesu wayesethi kuye : Bheka, ungatsheli muntu , kepha hamba uzibonakalise kumpristi , uyise umnikelo owayalelwa nguMose , kube ngubufakazi kubo. Ukuphulukiswa kwenceku yenduna (Luk. 7:1) 5 Kwathi esangena eKapernawume , kweza kuye induna yekhulu , yamncenga yathi: 6 Nkosi, umfana wami ulele endlini , ufe uhlangothi , ukhwelwe kakhulu ngubuhlungu. 7 Wathi kuyo: Mina ngizakuza ngimphulukise. 8 Induna yekhulu yaphendula yathi : Nkosi, angifanele ukuba ungene phansi kophahla lwami, kepha yisho izwi nje, khona umfana wami uyakusinda. 9 Ngokuba nami ngingumuntu ophansi kwamakhosi , nginamabutho phansi kwami; ngithi kwelinye: Hamba, lihambe; ngithi kwelinye : Woza, lize; nasencekwini yami: Yenza lokhu, ikwenze. 10 UJesu ekuzwa lokho wamangala , wathi kwabamlandelayo : Ngiqinisile ngithi kini : Angizange ngifumane kwa -Israyeli ukukholwa okungaka kumuntu. 11 Kepha ngithi kini : Abaningi bayakuza bevela empumalanga nasentshonalanga, bahlale ekudleni no -Abrahama no -Isaka noJakobe embusweni wezulu, 12 kodwa abantwana bombuso bayakukh ishelwa ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo. 13 UJesu wayesethi enduneni yekhulu: Hamba, makube kuwe njengokukholwa kwakho. Umfana wasinda ngaso leso sikhathi. Umkhwekazi kaPetru nabanye abagulayo bayaphulukiswa (Mark. 1:23; Luk. 4:31) 14 UJesu wayesengena endlini kaPetru , wabona umkhwekazi wakhe elele phansi enomkhuhlane. 15 Waphatha isandla sakhe, umkhuhlane wamyeka; wavuka, wamkhonza. 16 Kwathi sekuhlwile , baletha kuye abaningi abakhwelwe ngamademoni , wakhipha omoya ngezwi, waphulukisa bonke abagulayo, 17 ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngo -Isaya umprofethi ukuthi : Yena wabetshatha ubuthakathaka bethu, wathwala izifo zethu. Ukumlandela uJesu (Luk. 9:57) 18 Kwathi uJesu ebona isixuku simhaqile , wayala ukuba kuwelelwe ngaphesheya. 19 Kwase kufika umbhali, wathi kuye: Mfundisi, ngizakukulandela, noma uya ngaphi. 20 UJesu wayesethi kuye : Izimpungushe zinemigodi , nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo , lapho ingacamelisa khona ikhanda. 21 Kodwa omunye w abafundi bakhe wathi kuye : Nkosi, ngivumele ngiye kuqala ukuyakummbela ubaba. 22 Kepha uJesu wathi kuye : Ngilandele; yeka abafileyo bembele abafileyo babo. Ukuthuliswa kwesivunguvungu (Mark. 4:35; Luk. 8:22) 23 Wayesengena emkhunjini; abafundi bakhe bamlandela. 24 Bheka, kwavuka isiphepho esikhulu elwandle , umkhumbi waze wagujuzelwa ngamaza; kepha yena wayelele. 25 Basondela, bamvusa, bathi: Nkosi, sisindise, safa. 26 Wayesethi kubo: Nesabelani nina bokukholwa okuncane na? Khona wavuka wakhuza umoya nolwandle, kwaba khona ukuthula okukhulu. 27 Kepha abantu bamangala , bathi: Unjani lo ukuba nomoya nolwandle kumlalele na? Ukukhishwa kwamademoni (Mark. 5:1; Luk. 8:26) 28 Kwathi esefikile ngaphesheya ezweni lamaGadara , kwahlangana naye ababili abakhwelwe ngamademoni , bephuma emathuneni , beyizidlova ezinkulu ngangokuba kwakungedlule muntu ngaleyo ndlela. 29 Bheka, bamemeza bathi: Sinamsebenzi muni nawe Ndodana kaNkulunkulu? Uze lapha ukusizwisa ubuhlungu, kungakabi yiso isikhathi, na? 30 Manje kwakukhona kude nabo umhlambi wezingulube eziningi ziklabile. 31 Amademoni amncenga athi : Uma usikhipha , sithume ukuba singene emhlambini wezingulube. 32 Wathi kuwo : Hambani. Ayesephuma, angena ezingulubeni ; bheka, umhlambi wonke wagulukudela eweni , waphonseka elwandle , wafela emanzini. 33 Kodwa ababezalusa babaleka , baya emzini , babika konke , nalokho okwehlele abakhwelwe ngamademoni. 34 Bheka, umuzi wonke waphuma ukuyomhlangabeza uJesu ; bathe bembona, bamncenga ukuba amuke emikhawulweni yelakubo.