NgokukaMathewu Chapter 9
1
Wayesengena emkhunjini, wawela, weza emzini wakubo.
2
Bheka, baletha kuye umuntu ofe uhlangothi elele ohlakeni . UJesu ebona ukukholwa kwabo wathi kofe uhlangothi: Yima isibindi , ndodana; uthethelelwe izono zakho.
3
Bheka, abathile kubabhali bathi phakathi kwabo: Lo uyahlambalaza.
4
UJesu ezazi izizindlo zabo wathi: Nizindlelani okubi ezinhliziyweni zenu na?
5
Ngokuba yikuphi okulula ukuthi : U thethelelwe izono zakho , noma ukuthi: Vuka uhambe, na?
6
Kepha u kuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inamandla emhlabeni okuthethelela izono -- khona wathi kofe uhlangothi : Vuka, uthabathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho.
7
Wavuka, waya endlini yakhe.
8
Kepha izixuku zikubona zethuka , zamdumisa uNkulunkulu onikile abantu amandla anjalo.
9
Esadlula lapho uJesu wabona umuntu othiwa uMathewu ehlezi endaweni yokuthela, wathi kuye: Ngilandele. Wasuka-ke, wamlandela.
10
Kwathi ehlezi ekudleni endlini , bheka, kwafika abaningi abathelisi nezoni , bahlala badla noJesu nabafundi bakhe.
11
AbaFarisi bekubona lokho bathi kubafundi bakhe : Yini ukuba umfundisi wenu adle nabathelisi nezoni na?
12
Ekuzwa lokhu wathi: Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa.
13
Kepha hambani nifunde ukuba kuthini ukuthi : Ngifuna isihawu , hhayi umhlatshelo. Ngokuba angizanga ukubiza abalungileyo kepha izoni ukuba ziphenduke. Ukuzila ukudla (Mark. 2:18; Luk. 5:33)
14
Khona kwase kufika kuye abafundi bakaJohane , bathi: Yini ukuba thina nabaFarisi sizila ukudla; kepha abafundi bakho abazili ngani na?
15
UJesu w athi kubo : Abayeni bangalila yini , umyeni enabo na ? Kodwa kuzakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo; yikhona-ke bezakuzila.
16
Akakho obekela isiziba sendwangu engakashukeki engutsheni endala , ngokuba lokhu okubekelwa kuyo kuyaklebhula engutsheni , kwande ukuklebhuka.
17
Akuthelwa futhi iwayini elisha ezimvabeni ezindala , funa izimvaba ziqhume, newayini lichitheke , nezimvaba zonakale . Kodwa iwayini elisha balithela ezimvabeni ezintsha, kulondeke kokubili. Indodakazi kaJayiru ivuswa ekufeni (Mark. 5:21; Luk. 8:40)
18
Esakhuluma lokhu kubo, bheka, kwafika umphathi othile, wakhuleka kuye, wathi: Indodakazi yami ifa khona manje ; kepha woza, ubeke isandla sakho phezu kwayo, izakuphila.
19
Wasuka-ke uJesu, wamlandela kanye nabafundi bakhe.
20
Bheka, owesifazane owayenomopho iminyaka eyishumi nambili weza emva kwakhe, wathinta umphetho wengubo yakhe.
21
Ngokuba wayethi phakathi kwakhe : Uma ngingathinta nje ingubo yakhe , ngizakusindiswa.
22
UJesu ephenduka wambona , wathi: Yima isibindi , ndodakazi; ukukholwa kwakho kukusindisile. Wasinda owesifazane, kusukela kuleso sikhathi.
23
UJesu esefikile endlini yomphathi , ebona khona ababethi bemitshingo nesixuku esixokozelayo,
24
wathi kubo: Dedani, ngokuba intombazana ayifile , kodwa ilele. Bamhleka usulu.
25
Isixuku sesikhishiw e, wangena, wayibamba ngesandla ; yavuka intombazana.
26
Udumo lwalokho lwezwakala ezweni lonke langakhona. UJesu uyahawukela izimpumputhe, nesimungulu, nabantu abakhathazekileyo
27
Esadlula lapho uJesu, izimpumputhe ezimbili zamlandela, zamemeza zathi: Sihawukele, ndodana kaDavide!
28
Esengenile endlini , izimpumputhe zeza kuye . UJesu wathi kuzo : Niyakholwa yini ukuthi ngingakwenza lokhu na? Zathi kuye: Yebo, Nkosi.
29
Khona wathinta amehlo azo , wathi: Makwenzeke kini njengokukholwa kwenu.
30
Ayesevuleka amehlo a zo. UJesu waziyalisisa , wathi: Qaphelani ukuba kungaziwa muntu.
31
Kepha zaphuma, zamdumisa kulo lonke lelo zwe.
32
Ekuphumeni kwazo, bheka, kwalethwa kuye isimungulu esinedemoni.
33
Idemoni selikhishiwe , isimungulu sakhuluma . Izixuku zamangala , zathi: Akuzange kubonwe okunje kwa-Israyeli.
34
Kepha abaFarisi bathi: Ukhipha amademoni ngenkosi yamademoni.
35
UJesu wayihamba imizi yonke nemizana efundisa emasinagogeni abo , eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa izifo zonke nokugula konke.
36
Kepha ebona izixuku wabanesihe ngazo , ngokuba zazikhathazekile , zihlakazekile njengezimvu ezingenamalusi.
37
Wayesethi kubafundi bakhe : Ukuvuna kukhulu , kodwa izisebenzi ziyingcosana.
38
Ngakho-ke nxusani eNkosini yokuvuna ukuba ithume izisebenzi , ziye ekuvuneni kwayo.