Skip to Content

AmaHubo Chapter 23

1 UJehova ungumalusi wami, angiyikuswela. 2 Uyangilalisa emadlelweni aluhlaza; uyangiyisa ngasemanzini okuphumula. 3 Ubuyisa umphefumulo wami ; uyangihola ezindleleni zokulunga ngenxa yegama lakhe. 4 Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa , angesabi okubi, ngokuba wena unami, intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza. 5 Ulungisa itafula phambi kwami ebusweni be zitha zami ; ugcoba ikhanda lami ngamafutha; indebe yami iyachichima. 6 Impela okuhle nomusa kuyakungilandel a imihla yonke yokuphila kwami ; ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube phakade.