AmaHubo Chapter 24
1
Umhlaba ungokaJehova nokugcwala kwawo, izwe nabakhileyo kulo.
2
Ngokuba yena wawusekela phezu kwezilwandle , wawumisa phezu kwemifula.
3
Ngubani oyakukhuphukela entabeni kaJehova , ngubani oyakuma endaweni yakhe engcwele na?
4
Yilowo onezandla ezi ngenacala nenhliziyo ehlanzekileyo , ongaphenduleli umphefumulo wakhe emangeni nongafungi ngenkohliso.
5
Uyakwamukela isibusiso kuJehov a nokulunga kuNkulunkulu wensindiso yakhe.
6
Yilesi esiyisizukulwane sabamfunayo ; bona abasinga ubuso bakho bangabantwana bakaJakobe. Sela
7
Phakamisani, masango, izinhloko zenu ; nani minyango yaphakade , phakamani ukuba iNkosi yenkazimulo ingene.
8
Ingubani le Nkosi yenkazimulo na ? InguJehova onamandla, oyiqhawe, uJehova oyiqhawe lokulwa.
9
Phakamisani, masango, izinhloko zenu ; nani minyango yaphakade , phakamani ukuba iNkosi yenkazimulo ingene.
10
Ingubani le Nkosi yenkazimulo na ? UJehova Sebawot i nguyena oyiNkosi yenkazimulo. Sela