Skip to Content

AmaHubo Chapter 25

1 Jehova, ngiphakamisela kuwena umphefumulo wami. 2 Nkulunkulu wami , ngiyethemba kuwe ; mawungangijabhisi; izitha zami mazingethabi ngami. 3 Yebo, akuyikujabha noyedwa kwabakulindelayo; bayakujabha abaphambuka ngeze. 4 Ngazise imendo yakho, Jehova; ngifundise izindlela zakho. 5 Ngihambise eqinisweni lakho , ungifundise, ngokuba wena unguNkulunkulu wensindiso yami; ngilindela wena usuku lonke. 6 Khumbula, Jehova, ububele bakho nomusa wakho , ngokuba kukhona kwaphakade. 7 Ungazikhumbuli izono zobusha bami neziphambeko zami ; ngikhumbule ngokomusa wakho ngenxa yobubele bakho, Jehova. 8 UJehova muhle, ulungile; ngalokho ufundisa izoni indlela. 9 Abathobekileyo ubaholela kokulungileyo, abathobekileyo ubafundisa indlela yakhe. 10 Zonke izindlela zikaJehova zingububele neqinis o kulabo abagc ina isivumelwano sakhe nezifakazelo zakhe. 11 Ngenxa yegama lakho , Jehova, ngithethelele ukona kwami , ngokuba kukhulu. 12 Ngumuphi umuntu omesaba uJehova na ? Nguyena oyakufundiswa nguye indlela ayakuyikhetha. 13 Umphefumulo wakhe uzakuhlala ngokwenama , inzalo yakhe iyakuzuza izwe. 14 Ubuhlobo bukaJehova bukubo abamesabayo ; uyakubazisa isivumelwano sakhe. 15 Amehlo ami akuye uJehova njalo , ngokuba nguyena okhipha izinyawo zami enetheni. 16 Phendukela kimi, ube nomusa kimi, ngokuba nginesizungu, ngihluphekile. 17 Izinsizi zenhliziyo yami zikhulile; ngikhiphe ezinhluphekweni zami. 18 Bheka ukuhlupheka kwami nosizi lwami, ungithethelele zonke izono zami. 19 Bheka izitha zami, ngokuba ziningi; ziyangizonda ngenzondo yonya. 20 Londoloza umphefumulo wami , ungikhulule; mawungangijabhisi, ngokuba ngiphephela kuwe. 21 Ukulunga nobuqotho makungilondoloze, ngokuba ngilindele wena. 22 Nkulunkulu, hlenga u-Israyeli kuzo zonke izinkathazo zakhe.