AmaHubo Chapter 26
1
Ngahlulele, Jehova, ngokuba n gihamba ekulungeni kwami ; ngithemba uJehova, angiyikuntenga.
2
Ngivivinye, Jehova, ungilinge; hlolisisa izinso zami nenhliziyo yami.
3
Ngokuba ububele bakho buphambi kwamehlo ami ; ngihamba eqinisweni lakho.
4
Angihlali nabantu bamanga, angihambelani nezimbulu.
5
Ngiyawuzonda umhlangano wabenza okubi, angihlali nababi.
6
Ngiyahlamba izandla zami ngingenacala, ngizungeza i-altare lakho, Jehova,
7
ukuba ngizwakalise izwi lokudumisa , ngilande ngazo zonke izimangaliso zakho.
8
Jehova, ngiyayithanda inkundla yendl u yakh o nendawo lapho kuhlezi khona inkazimulo yakho.
9
Ungamukisi umphefumulo wami kanye nezon i nokuphila kwami kanye nabantu begazi
10
abanehlazo ezandleni zabo, nesokunene sabo sigcwele izipho zenkohliso.
11
Kepha mina ngihamba ekulungeni kwami; ngihlenge, ube nomusa kimi.
12
Unyawo lwami lumi ebaleni; ngizakudumisa uJehova emihlanganweni.