Skip to Content

AmaHubo Chapter 27

1 UJehova ungukukhanya kwami nensindiso yami ; ngizakwesaba bani na ? UJehova uyinqaba yokuphila kwami; ngizakuba novalo ngobani na? 2 Ekusondeleni kwababi ukuba badle inyama yam i abamelene nami nezitha zami bayakhubeka, bawe. 3 Noma impi imisa ngakimi , inhliziyo yami ayesabi ; noma ngivukelwa ngukulwa, nokho nginethemba. 4 Kunye engikucele kuJehova , ngiyakufuna khona : ukuba ngihlale endlini kaJehova izinsuku zonke zokuphila kwam i ukubona ubuhle bukaJehova , ngibuke ithempeli lakhe. 5 Ngokuba uyangithukusa edokodweni lakh e ngosuku lokuhlupheka , angicashise ekusithekeni kwetende lakhe, angiphakamisele edwaleni. 6 Nakalokhu ikhanda lami lizakuphakam a ngaphezu kwezitha zami ezingihaqileyo; ngizakunikela iminikelo yokwethaba etendeni lakhe , ngihlabelele, ngidumise uJehova ngogubhu. 7 Yizwa, Jehova, ngikhala ngezwi elikhulu; yiba nomusa kimi, ungiphendule. 8 Kuwena othi: Funani ubuso bami, inhliziyo yami ithi: Ubuso bakho, Jehova, ngiyabufuna. 9 Ungafihli ubuso bakho kimi , ungaxoshi inceku yakho ngokuthukuthela ; wena ulusizo lwami , ungangilahli, ungangishiyi, Nkulunkulu wensindiso yami. 10 Ngokuba ubaba nomame bangishiyile, kodwa uJehova uzakungamukela. 11 Ngifundise indlela yakho , Jehova, ungihole endleleni ekhanyay o ngenxa yezitha zami. 12 Unganginikeli entandweni yezitha zami ; ngokuba ofakazi bamanga bangivukele kanye nabafutha ukudlozomela. 13 Yeka, uma bengingathembanga ukubo na okuhle kukaJehova ezweni labaphilayo! 14 Lindela uJehova , uqine, inhliziyo yakho ime isibindi ; yebo, lindela uJehova.