Skip to Content

AmaHubo Chapter 28

1 Ngikhala kuwe Jehova; Dwala lami, ungabi yisithulu kimi, funa kuthi, uma uthula kimi, ngifane nabashona emgodini. 2 Yizwa izwi lokunxusa kwami , nxa ngikhala kuwe , ngiphakamisela izandla zami endaweni yakho engcwelengcwele. 3 Ungangimukisi kanye nababi nabenza okub i abakhuluma ukuthula nabakhelwane babo, kanti kukhona okubi ezinhliziyweni zabo. 4 Banike njengokwenza kwabo nanjengobubi bemisebenzi yabo ; banike njengokwenza kwezandla zabo, baphindisele abakwenzileyo. 5 Ngokuba abayinaki imisebenzi kaJehov a nokwenza kwezandla zakhe ; uyakubadiliza, angabakhi. 6 Makabongwe uJehova, ngokuba ulizwile izwi lokunxusa kwami. 7 UJehova ungamandla ami nesihlangu sami ; inhliziyo yami ithembe kuye , ngasizwa; ngakho-ke inhliziyo yami iyethaba ; ngizakumdumisa ngesihlabelelo sami. 8 UJehova ungamandla abantu bakhe ; uyinqaba yensindiso yogcotshi weyo wakhe. 9 Sindisa abantu bakho , ubusise ifa lakho , ubaluse, ubathwale kuze kube phakade.