Skip to Content

2 AmaKhosi Chapter 25

1 Kwathi ngomnyaka wesishiyagalolunye wokubusa kwakhe , ngenyanga yeshumi ngolweshumi lwenyanga , uNebukadinesari inkosi yaseBabele wafika, yena nayo yonke impi yakhe , eJerusalema, wamisa malungana nalo; bakha inqaba ngakulo nxazonke. 2 Wawusuvinjezelwa umuzi kwaze kwaba ngumny aka weshumi nanye wenkosi uSedekiya. 3 Ngosuku lwesishiyagalolunye lwenyanga indlala yaba namandla emzini , akubangakho kudla kubantu bezwe. 4 Kepha wawusufohlwa umuzi , onke amadoda empi abaleka ebusuku ngendlela yesango phakathi kwezingange zombili ezazingasensimini yenkosi amaKaledi ayekhona nxazonke zomuzi ahamba ngendlela yase-Araba. 5 Kodwa impi yamaKaledi yayixosha inkosi , yayifica emathafeni aseJeriko , yonke impi yayo yahlakazeka. 6 Ayeseyibamba inkosi, ayenyusela enkosini yaseBabele eRibila; ayahlulela. 7 Abulala amadodana kaSedekiya phambi kwamehlo akhe , akhipha amehlo kaSedekiya, ambopha ngamaketanga, amyisa eBabele. 8 Ngenyanga yesihlanu ngolwesikhombisa lwenyanga okwakungumnyaka weshumi nesishiyagalolunye wenkosi uNebukadinesari, inkosi yaseBabele , kwafika uNebuzaradani induna yabalindi , inceku yenkosi yaseBabele , eJerusalema. 9 Washisa indlu kaJehova nendlu yenkosi; nazo zonke izindlu zaseJerusalema, zonke izindlu ezinkulu, wazishisa ngomlilo. 10 Yonke impi yamaKaledi induna yabalindi eyayinayo yadiliza iz ingange zaseJerusalema nxazonke. 11 Abanye abantu ababesele emzini , nabahlubukileyo behlubukela enkosini yaseBabele, nesixuku esiseleyo uNebuzaradani induna yabalindi wabathumba. 12 Kepha induna yabalindi yashiya abantu bezwe abayizimpofana ukuba baphathe izivini namasimu. 13 Izinsika zethusi ezazisendlini yenkosi , nezinqe, nolwandle lwethusi okwakusendlini kaJehova amaKaledi akuhlephula , athuthela ithusi lakho eBabele. 14 Amakhanzi, namafosholo, nezizenze, nezinkezo, nazo zonke izitsha zethusi ababekhonza ngazo akuthatha. 15 Nemicengezi yomlilo, nezitsha, okwegolide lodwa nesiliva lodwa , nalokho induna yabalindi yakuthatha. 16 Izinsika zombili , nolwandle olwalulunye nje , nezinqe uSolomoni ayekwenzele indlu kaJehova , ithusi lazo zonke lezi zinto lalingenakulinganiswa. 17 Ukuphakama kwensika eyodwa kwakuyizingalo eziyishumi nesishiyagalombili; phezu kwayo kwakukhona isihloko sethusi ; ukuphakama kwesihloko esisodwa kwakuyizingalo ezi ntathu; kwakukhona nenetha namapomegranati phezu kwesihloko nxazonke , konke kwakun gokwethusi; kwakunjalo nasensikeni yesibili enetheni. 18 Induna yabalindi yathatha uSeraya umpristi omkhulu , noZefaniya umpristi wesibili, nabalindimnyango abathathu; 19 yathatha emzini induna eyayimiswe phezu kwamadoda empi , nabantu abayisihlanu kwababesebu sweni benkosi abafunyanwa emzini , nombhali wenduna yempi eyayibala abantu bezwe , nabantu bezwe abangamashumi ayisithupha abafunyanwa emzini. 20 UNebuzaradani induna yabalindi wabathatha , wabayisa enkosini yaseBabele eRibila. 21 Inkosi yaseBabele yabashaya , yababulala eRibila ezweni laseHamati . Wathunjwa kanjalo uJuda ezweni lakubo. 22 Abantu abaseleyo ezweni lakwaJuda abashiyiwe nguNebukadinesari inkosi yaseBabele, phezu kwabo wenza uGedaliya indodana ka -Ahikamu kaShafani abe ngumbusi. 23 Zonke izinduna zempi , zona nabantu bazo , sezizwile ukuthi inkosi yaseBabele imenzile uGedaliya umbusi ezweni , zaya kuGedaliya eMispa : u- Ishmayeli indodana kaNethaniya, noJohanani indodana kaKhareya, noSeraya indodana kaThanihumeti waseNethofa , noJahazaniya indodana yomMahakha, bona nabantu babo. 24 UGedaliya wafunga kubo nakubantu babo , wathi kubo: Ningesabi izinceku zamaKaledi; hlalani ezweni , niyikhonze inkosi yaseBabele , kuyakuba kuhle kini. 25 Kepha kwathi ngenyanga yesikhombisa wafika u -Ishmayeli indodana kaNethaniya ka -Elishama wozalo lwenkosi , abantu abayishumi benaye , wamshaya uGedaliya waze wafa , kanye nabaJuda namaKaledi ayenaye eMispa. 26 Abantu bonke , abancane nabakhulu , nezinduna zempi basuka baya eGibithe, ngokuba besaba amaKaledi. 27 Kwathi ngomnyaka wamashumi amatha thu nesikhombisa wokuthunjwa kukaJehoyakini inkosi yakwaJuda ngenyanga yeshumi nambili ngolwamashumi amabili nesikhombisa lwenyanga , u-Evili Merodaki inkosi yaseBabele, ngomnyaka wokuqala wokubusa kwakhe , waphakamisa ikhanda likaJehoyakini inkosi yakwaJuda, wamkhipha etilongweni, 28 wakhuluma kahle kuye, wabeka isihlalo sakhe phezu kwezihlalo zamakhosi ayenaye eBabele. 29 Waguqula izingubo zakhe zasetilongweni ; wadla njalo phambi kwakhe zonke izinsuku zokuhamba kwakhe. 30 Isabelo sakhe sasiyisabelo esimiyo sem ihla ngemihla , asiphiwa yinkosi zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.