Skip to Content

2 AmaKhosi Chapter 24

1 Emihleni yakhe kwenyuka uNebukadinesari inkosi yaseBabele; uJehoyakimi wayeyinceku yakhe iminyaka emithathu; wayesebuya, wamhlubuka. 2 UJehova wathuma kuye amaviyo amaKaledi , namaviyo ama-Aramu, namaviyo abakwaMowabi, namaviyo abantwana bakwa -Amoni, wawathuma kuJuda ukumchitha njengezwi likaJehova alikhulumayo ngesandla sezinceku zakhe abaprofethi. 3 Impela kwaba khona lokho kwaJuda ngezwi likaJehova ukubasusa ebusweni bakhe ngenxa yezono zikaManase njengakho konke akwenzileyo, 4 nangenxa yegazi elingenacala alichithayo, ngokuba wagcwalisa iJerusalema ngegazi elingenacala, lokhu uJehova akavumanga ukukuthethelela. 5 Ezinye izindaba zikaJehoyakimi nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? 6 UJehoyakimi wayeselala koyise ; uJehoyakini indodana yakhe waba yink osi esikhundleni sakhe. 7 Inkosi yaseGibithe ayiphindanga futhi ukuphuma ezweni lakubo , ngokuba inkosi yaseBabele yayithathile konke okwakungokwenkosi yaseGibithe , kusukela emfuleni waseGibithe kuze kube semfuleni u-Ewufrathe. OJehoyakini noSedekiya bangamakhosi kwaJuda 8 UJehoyakini wayeneminyaka eyishumi nesishiyagalombili ekuqaleni kwakhe ukubusa , wabusa izinyanga ezintathu eJerusalema ; igama likanina lalinguNehushita indodakazi ka-Elinathani waseJerusalema. 9 Wenza okubi emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo uyise. 10 Ngaleso sikhathi izinceku zikaNebukadinesari inkosi yaseBabele zenyukela eJerusalema, umuzi wavinjezelwa. 11 UNebukadinesari inkosi yaseBabele weza emzini , izinceku zakhe zisawuvimbezele. 12 UJehoyakini inkosi yakwaJuda waphuma , waya enkosini yaseBabele, yena nonina, nezinceku zakhe , nezikhulu zakhe , nezinduna zakhe; inkosi yaseBabele yamthatha ngomnyaka wesishiyagalombili wokubusa kwakhe. 13 Yakhipha khona yonke ingcebo yendlu kaJehova nengcebo yendlu yenkosi , yahlahlela zonke izinto zeg olide uSolomoni inkosi yakwa -Israyeli azenzileyo ethempelini likaJehova njengokukhuluma kukaJehova. 14 Yathumba lonke iJerusalema , nazo zonke izikhulu , nawo onke amaqhawe anamandla, abathunjwa abayizinkulungwane eziyishumi , nezinyanga zonke zemisebenzi, nabakhandi; akushiywanga muntu ngaphandle kwabantu abayizimpofana bezwe. 15 Yathumba uJehoyakini , yamyisa eBabele ; nonina wenkosi , nabafazi benkosi, nezinduna zayo , nabakhulu bezwe yabamukisa ngokubathumba eJerusalema, yabayisa eBabele. 16 Onke amadoda anaman dla, ayizinkulungwane eziyisikhombisa, nezinyanga, nabakhandi, abayinkulungwane, bonke bengamaqhawe azilungiselele ukulwa , nabo inkosi yaseBabele yabayisa eBabele ngokubathumba. 17 Inkosi yaseBabele yambeka uMathaniya , uyisekazi, inkosi esikhundleni sakhe, yaguqula igama lakhe laba nguSedekiya. 18 USedekiya wayeneminyaka engamashumi amabili nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nanye eJerusalema ; igama likanina lalinguHamithali, indodakazi kaJeremiya waseLibina. 19 Wenza okubi emehlweni ka Jehova njengakho konke akwenzileyo uJehoyakimi. 20 Ngokuba kwenzeka lokho eJerusalema nakwaJuda ngenxa yentukuthelo kaJehova, waze wabalahla ebusweni bakhe ; uSedekiya wayihlubuka inkosi yaseBabele.