Skip to Content

1 iziKronike Chapter 1

1 O-Adamu, noSeti, no-Enoshe, 2 noKhenani, noMahalalele, noJarede, 3 no-Enoke, noMetushela, noLameka, 4 noNowa, noShemi, noHamu, noJafete. 5 Amadodana kaJafete : ngoGomere, noMagoge, noMadayi, noJavani, noThubali, noMesheke, noTirase. 6 Amadodana kaGomere: ngo-Ashikenaze, noDifate, noThogarma. 7 Amadodana kaJavani: ngo-Elisha, noTharishishi, noKitimi, noRodanimi. 8 Amadodana kaHamu: ngoKushe, noMisirayimi, noPhuthi, noKhanani. 9 Amadodana kaKushe : ngoSeba, noHavila, noSabita, noRama, noSabitheka. Amadodana kaRama: ngoSheba noDedani. 10 UKushe wazala uNimrode; yena waqala ukuba ngonamandla emhlabeni. 11 UMisirayimi wazala amaLudi, nama-Anami, namaLehabi, namaNafetuhi, 12 namaPatrusi, namaKasuluhi, lapho kwavela khona amaFilisti, namaKafitori. 13 UKhanani wazala uSidoni, izibulo lakhe, noHeti, 14 namaJebusi, nama-Amori, namaGirigashi, 15 namaHivi, nama-Arki, namaSini, 16 nama-Arvadi, namaSemari, namaHamati. 17 Amadodana kaShemi: ngo-Elamu, no-Ashuri, no-Arpakishade, noLude, no- Aramu, no-Use, noHule, noGeteri, noMesheke. 18 U-Arpakishade wazala uShela; uShela wazala u-Ebere. 19 U-Ebere wazala amadoda na amabili : igama lomunye lalinguPhelege , ngokuba emihleni yakhe izwe ladatshulwa . Igama lomfowabo lalinguJokothane. 20 UJokothane wazala o-Alimodade, noShelefe, noHasaramavete, noJera, 21 noHadoramu, no-Uzali, noDikila, 22 no-Ebali, no-Abimayele, noSheba, 23 no-Ofiri, noHavila, noJobabi; bonke labo babe ngamadodana kaJokothane; 24 oShemi, no-Arpakishade, noShela, 25 no-Ebere, noPhelege, noRehu, 26 noSerugi, noNahori, noThera, 27 no-Abrama ongu-Abrahama. 28 Amadodana ka-Abrahama: ngo-Isaka no-Ishmayeli. 29 Lezi ziyizizukulwane zabo: izibulo lika-Ishmayeli uNebayoti, noKedari, no- Adibeli, noMibisamu, 30 noMishima, noDuma, noMasa, noHadadi, noThema, 31 noJeturu, noNafishi, noKhedema. Labo babe ngamadodana ka-Ishmayeli. 32 Amadodana kaKetura , isancinza sika-Abrahama: wazala oZimrani , noJokishani, noMedani, noMidiyani, no-Ishibaki, noShuwa. Amadodana kaJokishani: ngoSheba noDedani. 33 Amadodana kaMidiyani: ngo-Efa, no-Eferi, noHanoki, no-Abida, no-Elidaha. Bonke labo babe ngamadodana kaKetura. 34 U-Abrahama wazala u-Isaka. Amadodana ka-Isaka: ngo-Esawu no-Israyeli. 35 Amadodana ka -Esawu: ngo-Elifazi, noRehuweli, noJewushe, noJalamu, noKora. 36 Amadodana ka -Elifazi: ngoThemani, no-Omari, noSefi, noGathamu, noKenazi, noThimna, no-Amaleki. 37 Amadodana kaRehuweli: ngoNahati, noZera, noShama, noMiza. 38 Amadodana kaSeyiri : ngoLothani, noShobali, noSibeyoni, no-Ana, noDishoni, no-Eseri, noDishani. 39 Amadodana kaLothani : ngoHori noHomamu ; udadewabo kaLothani wayenguThimna. 40 Amadodana kaShobali: ngo-Aliyani, noManahati, no-Ebali, noShefi, no- Onamu. Amadodana kaSibeyoni: ngo-Aya no-Ana. 41 Amadodana ka-Ana: nguDishoni. Amadodana kaDishoni: ngoHamrani, no- Eshibani, noJitrani, noKerani. 42 Amadodana ka-Eseri: ngoBilihani, noZahawana, noJahakhani. Amadodana kaDishani: ngo-Use no-Arana. 43 Lawa angamakhosi abusa ezweni lakwa -Edomi, kungakabusi nkosi phezu kwabantwana bakwa-Israyeli: uBela indodana kaBeyori. Igama lomuzi wakhe laliyiDinihaba. 44 Wafa uBela ; uJobabi indodana kaZera waseBosira waba yinkosi esikhundleni sakhe. 45 Wafa uJobabi ; uHushamu wasezweni labakwaThemani waba yinkosi esikhundleni sakhe. 46 Wafa uHushamu; uHadadi, indodana kaBedadi, owanqoba abakwaMidiyani ethafeni lakwaMowabi , waba yinkosi esikhundleni sakhe ; igama lomuzi wakhe laliyi-Aviti. 47 Wafa uHadadi; uSamla waseMasireka waba yinkosi esikhundleni sakhe. 48 Wafa uSamla ; uShawule waseRehoboti ngaseMfuleni waba yinkosi esikhundleni sakhe. 49 Wafa uShawule ; uBali Hanani indodana ka-Akibori waba yinkosi esikhundleni sakhe. 50 Wafa uBali Hanani ; uHadadi waba yinkosi esikhundleni sa khe; igama lomuzi wakhe laliyiPhahi ; igama lomkakhe lalinguMehetabeli indodakazi kaMatiredi, indodakazi kaMezahabi. 51 Wafa uHadadi ; abanumzane bakwa-Edomi kwakuyilaba : umnumzane uThimna, nomnumzane u-Aliya, nomnumzane uJeteti, 52 nomnumzane u-Oholibama, nomnumzane u-Ela, nomnumzane uPhinoni, 53 nomnumzane uKenazi, nomnumzane uThemani, nomnumzane uMibisari, 54 nomnumzane uMagidiyeli, nomnumzane u-Iramu. Yilabo abangabanumzane bakwa-Edomi.