1 iziKronike Chapter 2
1
Nanka amadodana ka -Israyeli: oRubeni, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no- Isakare, noZebuloni,
2
noDani, noJosefa, noBenjamini, noNafetali, noGadi, no-Asheri.
3
Amadodana kaJuda : ngo-Eri, no-Onani, noShela; labo abathathu bazalwa nguye kuBati Shuwa , umKhananikazi. Kepha u -Eri, izibulo likaJuda , wayemubi emehlweni kaJehova; wambulala.
4
UTamari umalokazana wakhe wamzalela oPheresi noZera. Onke amadodana kaJuda ayeyisihlanu.
5
Amadodana kaPheresi: ngoHesironi noHamule.
6
Amadodana kaZera : ngoZimri, no-Ethani, noHemani, noKalikoli, noDara, eyisihlanu onke.
7
Amadodana kaKarmi: ngo-Akari, umhluphi ka-Israyeli, owenza isiphambeko ngokuqalekisiweyo.
8
Amadodana ka-Ethani: ngu-Azariya.
9
Amadodana kaHesironi awazalelwayo: ngoJerameli, noRamu, noKelubayi.
10
URamu wazala u -Aminadaba; u-Aminadaba wazala uNaheshoni , isikhulu sabantwana bakwaJuda;
11
uNaheshoni wazala uSalima; uSalima wazala uBowazi;
12
uBowazi wazala u-Obede; u-Obede wazala uJese.
13
UJese wazala izibulo lakhe u -Eliyabi, no-Abinadaba owesibili, noShimeya owesithathu,
14
noNethaneli owesine, noRadayi owesihlanu,
15
no-Osemi owesithupha, noDavide owesikhombisa;
16
odadewabo: ngoSeruya no-Abigayili. Amadodana kaSeruya: ngo-Abishayi, noJowabe, no-Asaheli, emathathu.
17
U-Abigayili wazala u -Amasa; uyise ka -Amasa wayenguJe theri umIshmayeli.
18
UKalebi indodana kaHesironi wazala ku -Azuba umkakhe nakuJeriyoti ; amadodana akhe: ngoJesheri, noShobabi, no-Aridoni.
19
Wafa u-Azuba; uKalebi wathatha u-Efrati, owamzalela uHure.
20
UHure wazala u-Uri; u-Uri wazala uBesaleli.
21
Ngasemuva uHesironi wangena kuyo indodakazi kaMakiri uyise kaGileyadi; wamthatha eseneminyaka engamashumi ayisithupha; wamzalela uSegubi.
22
USegubi wazala uJayire , owayenemizi engamashumi amabili nantathu ezweni lakwaGileyadi.
23
OGeshuri no-Aramu babaphuca imiz i kaJayirem, kanye neKhenati nemizi yalo, imizi engamashumi ayisithupha . Bonke labo babe ngamadodana kaMakiri uyise kaGileyadi.
24
Emva kokuba esefile uHesironi eKalebi Efratha , u-Abiya, umkaHesironi, wamzalela u-Ashuri uyise kaThekhowa.
25
Amadodana kaJerameli, izibulo likaHesironi, ayenguRamu izibulo, noBuna, no-Oreni, no-Osemi, no-Ahiya.
26
UJerameli wayenomunye umfazi ogama lakhe lalingu-Athara; wayengunina ka-Onamu.
27
Amadodana kaRamu , izibulo likaJerameli , ayengoMahasi, noJamini, no- Ekheri.
28
Amadodana ka-Onamu ayengoShamayi noJada ; amadodana kaShamayi : ngoNadabi no-Abishuri.
29
Igama lomka-Abishuri lalingu-Abihayili; wamzalela o-Ahibani noMolidi.
30
Amadodana kaNadabi : ngoSeledi no -Aphayimi; kepha uSeledi wafa engenabantwana.
31
Amadodana ka-Aphayimi: ngu-Ishi; amadodana ka -Ishi: nguSheshani; amadodana kaSheshani: ngu-Ahilayi.
32
Amadodana kaJada umfowabo kaShamayi : ngoJetheri noJonathani ; uJetheri wafa engenabantwana.
33
Amadodana kaJonathani : ngoPheleti noZaza . Labo babe ngamadodana kaJerameli.
34
Kepha uShes hani wayengenamadodana , enamadodakazi odwa . USheshani wayenenceku, eyaseGibithe, egama layo lalinguJariha.
35
USheshani wanika uJariha inceku yakhe indodakazi yakhe ibe ngumkakhe ; wamzalela u-Athayi.
36
U-Athayi wazala uNathani; uNathani wazala uZabadi;
37
uZabadi wazala u-Efilali; u-Efilali wazala u-Obede;
38
u-Obede wazala uJehu; uJehu wazala u-Azariya;
39
u-Azariya wazala uHelesi; uHelesi wazala u-Eleyasa;
40
u-Eleyasa wazala uSisamayi; uSisamayi wazala uShalumi;
41
uShalumi wazala uJekamiya; uJekamiya wazala u-Elishama.
42
Amadodana kaKalebi umfowabo kaJerameli : nguMesha izibulo lakhe , owayenguyise kaZifi, namadodana kaMaresha, uyise kaHebroni.
43
Amadodana kaHebroni: ngoKora, noTaphuwa, noRekemi, noShema.
44
UShema wazala uRahamu uyise kaJorikeyamu; uRekemi wazala uShamayi.
45
Indodana kaShamayi: nguMahoni; uMahoni wayenguyise kaBeti Suri.
46
U-Efa, isancinza sikaKalebi, wazala oHarana , noMosa, noGazezi; uHarana wazala uGazezi.
47
Amadodana kaJadayi: ngoRegemi, noJothamu, noGeshani, noPheleti, no- Efa, noShahafi.
48
UMahakha, isancinza sikaKalebi, wazala oSheberi noThirihana.
49
Wazala noShahafi uyise kaMadimana , noSheva uyise kaMakibena , noyise kaGibeya; indodakazi kaKalebi yayingu-Akisa.
50
Laba babe ngamadodana kaKalebi: amadodana kaHure izibulo lika-Efratha: nguShobali uyise kaKiriyati Jeharimi,
51
noSalima uyise kaBetlehema, noHarefi uyise kaBeti Gaderi.
52
NoShobali uyise kaKiriyati Jeharimi wayenamadodana : nguHarowe nenxenye kaMenuhoti.
53
Imindeni kaKiriyati Jeharimi yayingamaJetheri , namaPhuthi, namaShumati, namaMishirayiti; kubona kwavela amaSorati nama-Eshitawoli.
54
Amadodana kaSalima : nguBetlehema, namaNethofa, no-Atharoti BetiJowabe, nenxenye yamaManahati, amaSori.
55
Imindeni yababhali ababehlala eJabesi : ngamaThirati, namaShimeyati, namaSukati. Labo babe ngamaKheni avela kuHamati uyise wendlu kaRekabi.