UZakariya Chapter 1
1
Ngenyanga yesishiyagalombili ngomnyaka wesibili kaDariyu izwi likaJehova lafika kuZakariya indodana kaBerekiya ka-Ido, umprofethi, lathi:
2
UJehova wathukuthelela nokuthukuthelela oyihlo.
3
Kepha yisho wena kubo, uthi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Buyelani kimi, usho uJehova Sebawoti, ngiyakubuyela kini, usho uJehova Sebawoti.
4
Ningabi njengawoyihlo abaprofethi bokuqala abamemeza kubo , bathi: Usho kanje uJehova Sebawoti , uthi: Ake nibuye ezindlelen i zenu ezimbi nasezenzweni zenu ezimbi ; kepha kabalalelanga , kabangiqaphelanga, usho uJehova.
5
Oyihlo baphi na? Nabaprofethi bakhona kuze kube phakade na?
6
Kanti amazwi ami nezimiso zami engayala ngakho izinceku zami abaprofethi akubaficanga yini oyihlo , baze baphenduka , bathi: Njengalokho uJehova Sebawoti ebehlosa ukwenza kithi njengezindlela zethu nemisebenzi yethu , wenze kanjalo kithina, na? Umbono ngezinkweli zamahhashi
7
Ngosuku lwamashumi amabili nane lwenyanga yeshumi nanye eyinyanga kaShebati ngomny aka wesibili kaDariyu izwi likaJehova lafika kuZakariya indodana kaBerekiya ka-Ido, umprofethi, lathi:
8
Ngabona ebusuku; bheka, nango umuntu ekhwele ihhashi elibomvu, wema phakathi kwemibomvana eyayisesigodini , nasemva kwakhe kwakukhona amahhashi abomvu, nalufipha, namhlophe.
9
Ngase ngithi : Bayini laba ? Ingelosi eyayikhuluma nami yathi kimi : Ngiyakukubonisa ukuthi bayini laba.
10
Umuntu owayemi phakathi kwemibomvana wathatha wathi : Laba yibo uJehova abathumile ukuba bahambahambe emhlabeni.
11
Base bethatha , bathi kuyo ingelosi kaJehova eyayimi phakathi kwemibomvana: Sihambahambile emhlabeni; bheka, wonke umhlaba uhlezi uthule.
12
Yayisithatha ingelosi kaJehova , yathi: Jehova Sebawoti , koze kube nini ungabi nasihe kulo iJerusalema nakuyo imizi yakwaJuda oyithu kuthelele le minyaka engamashumi ayisikhombisa na?
13
UJehova wayesephendula ingelosi eyayikhuluma kimi ngamazwi amahle , amazwi amnandi.
14
Yayisithi kimi ingelosi eyayikhuluma nami : Memeza uthi : Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Ngihawukela iJerusalema n eSiyoni ngokuhawukela okukhulu.
15
Ngentukuthelo enkulu ngiyathukuthelela izizwe ezizinzileyo , ngokuba lapho ngithukuthele kancane nje, zandisa okubi.
16
Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: Ngiyakubuyela eJerusalema ngomusa, indlu yami yakhiwe kulo , usho uJ ehova Sebawoti , kwelulwe umucu wokulinganisa phezu kweJerusalema.
17
Phinda umemeze , uthi: Usho kanje uJehova Sebawoti , uthi: Imizi yami isayakuchichima okuhle, uJehova abuye aliduduze iSiyoni , abuye alikhethe iJerusalema. Umbono ngezimpondo ezine nabakhandi bensimbi
18
Ngase ngiphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, nazo izimpondo ezine.
19
Ngathi kuyo ingelosi eyayikhuluma nami : Ziyini lezi ? Yathi kimi : Lezi ziyizimpondo ezihlakazile oJuda, no-Israyeli, neJerusalema.
20
UJehova wayesengibonisa abakhandi abane bensimbi.
21
Ngathi: Laba bafike ukwenzani na? Wakhuluma wathi: Leziya ziyizimpondo ezazimhlakaza uJuda ngangokuba kungabangakho muntu ophakamisa ikhanda lakhe , kepha laba bafikile ukubashaya ngovalo , bawise phansi izimpondo zabezizwe ezaziphakamisa uphon do ngezwe lakwaJuda ukuba lihlakazwe.